IMOTO: VOLKSWAGEN TIGUAN R
IVOLKSWAGEN Tiguan ingenye yezintandokazi zezimoto zale nkampani kusuka yethulwa kwi-International Motor Show, eFrankfurt, eGermany, ngo-2007.
Impumelelo nokuthandwa kwayo kuzale elayisha abagibeli abayisikhombisa iTiguan AllSpace.
Nabophiko lwezimoto ezinamandla kule nkampani bakwaVolkswagen R bathe abasasali ngaphandle bakha iTiguan R.
Ukuyithinta kwabo kuyenze yaba namandla alingana naweGolf R kwazise zombili zinezinjini ezifanayo.
Injini le ingu-2.0 litre turbo kaphethroli enamandla angu-235kW netorque engu-400Nm. Ugeabox uyi-7 speed DSG. Lo gearbox uthumela amandla kuwo womane amasondo njengoba ine-4MOTION all-wheel drive system. Uyizwa zisuka ukuthi yiTiguan enamandla njengoba kulula ukuthi ingene ejubaneni futhi kwaVW bathi ibamba u-100km/h ngemizuzwana engu-5.1. Ijubane ligcina ku-250km/h.
IneDynamic Chassis Control namadrive modes ahlukene okunguComfort ohamba ngawo nsuku zonke, Sport, Race no-Individual. Emakhoneni iyanamathela futhi nesiteringi uthi usijikisa uyizwe nemoto iya lapho uyikhomba khona.
Kuyaziwa ukuthi ukuduma okuphezulu sekuwumlando ezimotweni zakwaVW ngenxa yemithetho yase-Europe kodwa uma uthanda uyakwazi ukufaka izinqawe zakwa-Akropovic. Azishibhile nokho njengoba zingu-R73 000. Zenza kube khona ukuduma okuncane kuka “vrrr pha”
Uma uyidumisa ihlala kuSport njengeGolf R nokuyinto engingayithandi ngoba ungazithola usudla uphethroli unganakile. Ngisakuphethroli, igcine idla 11l/100km kodwa nami unyawo lwesokudla belubuye lusinde emafutheni kanti kwaVW bathi idla 8.8l/100km uma uhamba kahle.
Kungcono ingene kuComfort bese uzishintshela wena-ke uma uthanda. Kunebhathini elenza impilo ibe lula esiteringini likaRace okuyilapho iqaqeka khona iwakhiphe wonke amandla ayo.
Ngihamba ngayo kuthelawayeka uN2 ngibheke eMpangeni ibingazweli kakhulu kodwa ngithe ngiphuma ngibheke ngasoNgoye naseMfolozi Casino yaqala yakuzwela ukungabi kahle komgwaqo. Okunye wukuthi namasondo abawafakile angu-21-inch owakhetha uma uthanda njengoba yona ifika nangu-20 inch.
Ngale kwalokho iyiTiguan ejwayelekile edle ngokuvuleka ngaphakathi futhi enesikhala esikhulu ebhuthini njengoba kuyimoto yemindeni.
Izihlalo ngaphakathi ziyisikhumba futhi ziqoshwe uR. Iphinde ibe neDiscover Pro infotainment system enenkombandlela kanjalo nepanoramic sunroof.
KwaVW ebesihamba ngayo bayengeze ihead-up display, ikhamera evezaa umzimba wonke ngaphandle engicabanga ukuthi bebengayifaka ungengezanga mali, ne-I.Q Drive ehlanganisa i-adaptive cruise control, iyakutshela uma kunabahamba ngezinyawo eduze nomgwaqo nokuthi izibhrekele uma izoshayisa.
Ngaphandle kumele ube namehlo abukhali futhi uzazi izimoto ukuze uyibone ukwehluka kwayo uma iqhamuka. Yizibuko eziphicwe ngomatt chrome eziyenza uyibone ngaphambili kanjalo nezinqawe ezine ngemuva.
Engikuthanda ngaphandle ngamalambu angamaLED enza ukuhamba ebusuku kungabi wumzukuzuku njengoba ekhanyisa kahle.
ITuguan R yimoto ongayibheka uma uthanda imoto enamandla athe xaxa. Naleyo enenjini engu-2.0 TSI efuqa 162kW iyashesha ingikhumbuza ngidlula abanye eminyakeni emibili eyedlule bangifica egaraji ngabezwa bethi yi “R yingakho igijima” bedidwa nguR-Line okuyinto edida abaningi vele. Yona iqala kuR830,500.
Intengo:
Tiguan R 2.0 TSI 235kW DSG® 4MOTION R1,058,900
Ifika newarranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km ne-EasyDrive Maintenance Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km ne-anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12.