INKAMPANI eyakha amathayi, iGoodyear, iyaqhubeka nokukhiqiza eNingizimu Afrika njengoba idalule ukuthi iWrangler Duatrac RT entsha yakhiwa kuleli.
Lokhu kuvezwe yisikhulu esiphezulu seGoodyear South Africa, uRichard Fourie, esithe bakhela phezu kwesisekelo seminyaka engu-75 bekhiqiza kuleli.
Le nkampani ithe ucwaningo lwayo luveze ukuthi u-95% wabashayeli bama-4x4 ekhulume nabo bathe bafuna azobalonda isikhathi eside futhi enza imoto ibe ntofontofo.
Ithe iWrangler Duratrac RT iyagqama, iyabambelela futhi yakhelwe ukuhamba etiyeleni nasobhuqwini.
Yakhelwe izimoto ezahlukene ezingama-4x4, okubalwa kuzo iFord Ranger ne-Everest, VW Amarok, Land Rover Defender, Toyota Hilux, Isuzu D-Max namanye.
Le nkampani ithe ithayi lizotholakala ngosayizi abahlukene kumarimu aphakathi kuka-15 no-19.