IMOTO: ISUZU D-MAX ARCTIC AT35
SEKUNGAPHEZU konyaka i-Isuzu Motors South Africa yethule iD-Max entsha emakethe yakuleli futhi ibalwa namanye amaveni adayisa kakhulu zinyanga zonke.
Isilamaniswe ngokuyiyona esingumakhonya emndenini i-Arctic AT35. Yakhiwe ngokuhambisana nabakwa-Arctic Trucks futhi njengamanye amanye amaD Max, yakhiwa efemini yale nkampani eseGqeberha.
Umkhiqizo bathi uzoba ngu-100 ngonyaka.
Isuselwe kwiD Max V-Cross ebisesicongweni somndeni. IV-Cross Ibiza uR879 200.
I-AT35 yona isijoyine amaveni abiza ngaphezu kwesigidi njengoba inguR1 120 620. Amanye engiwakhumbulayo yiJeep Gladiator, Ford Ranger Raptor, VW Amarok Aventura, Toyota Hilux Legend RS auto namanye.
Kwa-Isuzu abaqali ukwenza iD-Max Arctic AT35. Eyokuqala yafika ngo-2019. Njengoba isuselwe kwiV-Cross nje, kulula ukuyihlukanisa ngoba ithe ukuba yisidlakela.
Emakhwapheni inkulu ukuze kuzongena amasondo amakhulu angu-35 inch BF Goodrich all-terrain tyres futhi ne-suspension kawufani njengoba iphakeme.
Empeleni u-35 osegameni lawo ususwa kuwo usayizi wamathayi.
Kumele usisebenzise isitebhisi sokugibela ngoba igabade ilishiye ngo-266mm ekubeni iD-Max ejwayelekile ilishiye ngo-232mm.
Lokhu kuyasiza uma uhamba ogwadule ngoba uvalo lokuthi izoshaya phansi alukho futhi nendlela uyibona kahle.
Okunye okusizayo wukuthi ne-approach angle, departure angle ne-break-over angle konke sekuthe xaxa.
Okunye okwenza kube lula obhuqwini wukuthi ibuye idonse ngawo womane amasondo uma uthanda futhi kukhona ne-diff lock ngemuva.
Empeleni ogwadule nasezindaweni obona ngathi akuhambi moto kuzo, yilapho esekhaya khona ngoba konke ivele ikwenze kube lula.
Amandla enjini nokho abawenyusanga okuyinto abathi bayenze ngamabomu ngoba akuyona imoto yejubane kodwa ngeyokuqwala izintaba.
Kusafakwe engu-3.0 litre four-cylinder turbodiesel enamandla angu-140kW ne-torque engu-450Nm. Ugearbox uyi-six speed automatic.
Ngiyizwe ngathi bebengenza kangcono ekutheni ibe ntofonto kunokugcina ngokuyiphakamisa kuphela. Inakho ukwenza ukuthi ubunjalo bomgwaqo ubuzwe bunjalo. Nasemgwaqweni ovulekile kukhona lapho ozwa khona ukuthi bekungaba kuhle ukuba amandla enyusiwe kancane, ikakhulu ngoba akwenzeki ungafuni ukuyiqhathanisa neFord Ranger Raptor yona egabe ngangu-292kW.
Ukususelwa kwayo kwiV-Cross kuyenza ingaphakathi layo lizishaye saSUV futhi ibe nenqwaba yobuchwepheshe obusiza umshayeli.
Izihlalo ziyisikhumba kodwa umehluko wukuthi ziqoshwe i-AT35 ekhanda, ingasegiyeni nakomata.
Ine-touchscreen infotainment system engu-9 inch okwazi ukuxhuma kuyo uselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, inendawo yokushaja ngaphandle kwentambo bese iba ne-digital instrument cluster.
Kwezokuphepha ifika nama-airbag yonke indawo ngaphakathi, iyakusiza ukuhlala emzileni, iyasho uma iphuma emzileni, iyabhreka uma izoshayis futhi ine-adaptive cruise control.
Intengo:
R 1 120 620
Ifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km, i-warranty ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-120 000km kanjalo ne-roadside assistance yeminyaka emihlanu.