IMOTO: TOYOTA GR COROLLA
IGAMA leToyota Corolla alidinge kwethulwa njengoba iyimoto eneminyaka ikhona futhi enomlando omkhulu, hhayi kuphela kuleli kepha nakwamanye amazwe.
Muva nje kwethulwe eyiSUV iCorolla Cross eyakhiwa efemini yeToyota eseProspecton, eThekwini.
Kuleli sonto kutheleke eNingizimu Afrika iGR Corolla eyakhiwe wuphiko lwezimoto ezinamandla zomjaho lwale nkampani, iGazoo Racing.
Ukufika kwayo kwenza zibe zine izimoto ezivela kwiGR emakethe yakuleli njengoba kukhona iGR Supra, esiyenyuswe amandla kwafakwa ne-gearbox eyi-manaul, iGR Yaris neGR86.
ICorolla enamandla akuyona into entsha njengoba eminyakeni eyedlule kuke kwaba khona iCorolla RSi neRXi.
NjengeRSi, iGR Corolla inenjini engu-1.6 litre. Le njini eyi-three cylinder turbocharged iyefana naleyo ekwiGR Yaris kodwa bathe ukuyithinta bayenyusa namandla.
Amandla ayo angu-221kW ne-torque engu-370Nm. Abathanda “ukuzibambela” emotweni kuzobajabulisa ukuzwa ukuthi i-gearbox iyi-6 speed manual futhi ithumela amandla kuwo womane amasondo.
Amandla iwathumela ngokuhlukana emasontweni njengoba ikwazi ukufaka angu-60% ngaphambili bese u-40% iwufaka ngemuva, uma uthanda ufaka angu-70% ngemuva noma uwenze abe ngu-50% ngaphambili nangemuva.
Ngesikhathi yethulwa eZwartkops Raceway, eGauteng, ibizwakala njengemoto ebambelelayo emakhoneni. Okumnandi wukuthi uyezwa ukuthi yenzani, ayikukhohlisi ukuthi isisejubaneni okulekelelwa nawumsindo wezinqawe ezintathu ngemuva kodwa kawumkhulu.
Igiya, ikakhulukazi elesithathu, linamandla futhi liyadonsa ungacishe uyishaye yonke inkundla ngalo lodwa.
Bathi ibamba u-100km/h ngemizuzwana elinganiselwa ku-5.2. Uma ukhumbula, iVW Golf 8 R, engingayifaka njengembangi, iwubamba ngengu-4.8.
IGolf 8 R iyagijima yebo, kodwa kukhona ukushoda kobumnandi obenza uyizwe ukuthi iyagijima nokuthi yenzani, okuyinto oyithola kwiGR Corolla.
I-GR Corolla, enesisindo esingaphansi kuneseCorolla Hatch ejwayelekile, ine-diff lock ngaphambili nangemuva. Okuyiyona engumakhonya iCircuit ine-limited slip diff ngaphambili nangemuva.
@ToyotaSA bethule iCorolla enamandla iGR Corolla eshaya ngenjini engu-1.6 litre three-cylinder turbocharged. Ikhafula amandla angu-221kW/370Nm. Inogearbox oyi-6 speed manual othumela amandla kuwo womane amasondo. Udaba oluphelele kwiSolezwe ngoLwesihlanu @FaneleBengu pic.twitter.com/WPnAAPRkBt
— Isolezwe News (@IsolezweNews) July 26, 2023
Amabhreki ayo ayabamba futhi emasondweni angu-18 inch, kuvela ama-calipers abomvu.
Amarimu akuyona yinto ehluke ngayo kwiCorolla Hatch kepha i-grille ngaphambili nayo yehlukile futhi yathi ukuqumba nasemakhwapheni.
Ngaphakathi uzofica izihlalo ezikubamba kamnandi futhi kwiCircuit kunezihlanganise isikhumba nendwangu.
Indlela eyiyo icishe ifane neCorolla Hatch njengoba ine-touchscreen infotainment system oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto. I-instrument cluster ihlukile futhi uyakwazi ukuyishintsha ukuthi ibukeke kanjani.
Kwezokuphepha bayifake i-emergency steering assist esiza abashayeli ukuthi bagweme into abangayishayisa ngokuthi ilekelele ngokujika, ine-active cruise control, futhi iyakusiza ukuhlala emzileni.
I-GR Corolla ngeke kube yimoto eyandile njengoba bethi isitokwe siyingcosana, cishe kuzolethwa ezinhlanu ngenyanga.
Sengijahe ukubona ukuthi amakhasimende azokhetha yiphi njengoba kwiGR Yaris ayekhetha ebizayo okuyingakho sekudayisa yona kuphela.
Intengo:
- GR Corolla 1.6T Core: R841 000
- GR Corolla 1.6T Circuit: R902 400
Ifika ne-service plan yamasevisi ayisishiyagalolunye noma u-90 000km kanjalo ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.