"FANELE, usufuna imoto yakho?
Wangibuza kanje obhekelela izimoto zakwaVolkswagen South Africa, eThekwini, ngesikhathi engifonela kusanda kuqala uDisemba.
Akukhona ukuthi ngangimbolekile okanye ngithengile kepha ubesho iVW Caravelle T6.1, abakwaVW abangiboleka yona ukuba ngiyivivinye ngoDisemba.
Ngokujwaleyekile baye basiboleke izimoto isonto elilodwa ukuba sizizwe amandla bese sikubikela ngazo kuyo le ngosi. Ngenxa yokuthi ngoDisemba kusuke sekuyisikhathi samaholidi nabo beseholidini, basinikeza isikhathi esithe xaxa.
Lokhu kusiza kakhulu ekutheni imoto uyiqonde kangcono ukuphila nayo isikhathi eside, ukuze ngikuthathe ngikubeke ukusuka ngokuhlala ngayo njengoba sengenza manje.
ICaravelle ngiyithathe sekusele kancane lizilahle kunina ngoDisemba 7 ngaze ngayibuyisela kusanda kushaya u-11 ekuseni ngoMsombuluko.
Ngiyifica igeziwe iyacwebezela nombala wayo omhlophe. Ngaphambili, okungenye yezindawo ezishintshiwe, icwebezela igrille egqize ngechrome. Le chrome ikhona nangezansi iphinde igudle ezinhlangothini ize iyophuma ngemuva.
Amalambu angamaLED futhi kukhona nakhanya ubusuku nemini. Eceleni kwamalambu ngasohlangothini bayiqophe igama layo leCaravelle.
Ezinhlangothini, ngaphandle kwechrome, enye into egqamayo ngamarimu ayo amnyama angu-17 inch. Ngithe ngilunguza ngaphansi ngemuva ngabona isipele naso esinerimu nokuyinto emnandi.
Ngemuva amalambu angamaLED bese kuba nolayini wechrome obukeka kahle. Akuwona umbala omhlophe kuphela okhona kodwa ikhona neminye njengoluhlaza okwesibhakabhaka, wena owabona iVW Amarok kube neminye futhi ehlukene kabili eba ngomunye umbala ngezansi iphinde ibe ngomunye ngaphezulu.
VW Connect
Izimoto zamanje zakwaVolkswagen zifika nedata plug. Ifunda yonke imininingwane ngemoto yakho bese iyithumela kwi-app i-We Connect Go oyifaka kwiselula yakho. Ngiyifakile ngakuthola kulula nokuyisetha ngoba ifuna ipassword nje, ebinamathiselwe kwi cubbyhole. Ekhasini lokuqala iveza ibanga imoto esilihambile, udizili osele (iCaravelle inenjini kadizili), isikhungo sakwaVW esiseduze nawe, ozikhethela sona ukuze usevise kuso, nohambo lokugcina olithathile.
Nge-app ukwazi ukuhlela usuku lokusevisa imoto, ukucela usizo oluphuthumayo uma unenkinga, ukubheka ukuthi ufake udizili ongakanani nokuthi usuchithe imali engakanani (ikuthumela nomyalezo futhi uma udizili usumncane). Kungaba kuhle ukuba uyakwazi nokubona ukuthi imoto ikuphi kuhle kwe-tracker ngoba yiyona nto engingayitholanga kwi-app.
Ingaphakathi
Ukhiye webhasi, (okuyigama ebuye ibizwe ngalo iCaravelle) uthe ukuqumba kancane. Unamabhathini okulivula uma likhiyiwe, ukukhiya, ukuvula izicabha nebhuthi. Ibhuthi iyazivulekela ngaphandle kokulithinta ngesandla, uphinde uciphize futhi livaleke. Izicabha ezinhlangothini nazo kuba ukuciphiza nje bese ziyazihambela. Ngithe ngikwamalume sengihamba, ngivala isicabha ngebhathini elingaphakathi emotweni kwavele kwaqhuma imikikizo.
Izihlalo zesikhumba zilayisha abagibeli abayisikhombisa. Esangemuva sokugcina siyaqethuka kancane nihlale ngokukhululeka. Uma nibabili kwesingaphakathi nendawo uvula indawo yokuphumuza ingalo.
Ezimbili zaphakathi nendawo ziyakwazi ukuphenduka zibheke emuva uthi uma uhamba abagibeli bebe bebukana. Zona zinezindawo zokuphumuza izingalo emaceleni.
Iphinde ibenetafula lokudlela nalapho ungabeka neziphuzo ezindaweni zakhona kodwa ungaphinde ulenze ihhovisi elincane ubambe imihlangano okanye wenze umsebenzi.
Yize amawindi ethe ukudima kancane kodwa uma ningafuni ukubonakala niyakwazi ukunyusa amakhethini kodwa nikwazi ukubona ngaphandle.
Engikuthandayo ngokuba ngemuva ukuthi kunezimbobo zokushaja futhi ne aircon niyakwazi ukuzihlelela ukuthi nifuna kubande noma kushise kanjani.
Isikhala sikhulu abagibeli bahlala kahle. Ebhuthini uma isikhala sishoda, izihlalo uzisa ngaphambili sande. Uma ungenampahla, uyazihlehlisa kwande isikhala sabagibeli.
Uyakwazi nokufaka itow bar okanye amaroof rails uma udinga isikhala esithe xaxa sokulayisha. Ngaphambili izihlalo ziyisikhumba futhi zona zihlelwa ngogesi. Ziyakwazi nokuthi zishise.
Udashboard musha nesiteringi. Yonke into ihleleke kahle futhi namabhathini aseduze kumshayeli. Kunendawo yokushaja iselula ngaphandle kokuxhuma intambo. Intambo awuyidingi noma uxhuma iselula kwi-infotainment system nge-Apple CarPlay/Android Auto. Umsakazo yize ukhala uzwakala kahle kodwa uma uthanda izipikha ezigqomayo engathi ungawuthuthukisa.
Inenkombandlela kanjalo neDigital Cockpit oyishintsha esiteringini ukuthi ibukeke kanjani.
Izinjini namandla
Ngaphansi kwebhonethi kukhona injini entsha engu-2 litre BiTDI. Inamandla angu-146kW netorque engu-450Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-7 speed DSG othumela amandla kuwo womane amasondo kwazisa iyi-4MOTION.
Ekuqaleni kwalo nyaka ngithe ngivakashele endaweni yokulala ematendeni eNgodini Bunduz, eShowe ngafika linile kunodaka. Ngilushaye ngalukhipha ngale ngenxa yakho belu ukuthi iCaravelle, idonsa ngawo womane amasondo. Angibange ngisawusebenzisa ngisho udiff lock yize ukhona. Lokhu kungenye yezinto eziyenza ibe ngcono kunezimbangi.
Indlela ehamba ngayo
Ngisemba angikazi ngiphume eThekwini bengilokhu ngizulazula nje eThekwini. Lokhu kungenze ngaqonda ukuthi yimoto ongaphila ngisho nsukuzonke nayo, yize ngike ngashawa wuvalo ngingena endaweni yokupaka enxanxatheleni yezitolo ngizitshela ukuthi izoshaya ukhakhayi kodwa ngagcina ngijwayele.
Isiteringi sithambile nokwenza kube lula ukupaka. Iphinde ibe nekhamera ngemuva kanjalo namasensa umzimba wonke. Uma ubona ukuthi iparallel parking izoba yinkinga, iyakwazi ukukujikisela yona isiteriningi.
Uma usuka inokubambeka okuncane iturbo lag kodwa uma isiqaqekile emgwaqeni ovulekile iyashibilika. IneDynamic Chassis Control lapho uyikhetha khona ukuthi ufuna ihambe kanjani phakathi kuka-Eco, Comfort, Normal, Sport no-Individual.
Ugearbox weDSG ushintsha ngesikhathi esifanele. U-146kW/450Nm akuwona neze amandla amancane kodwa iyakwazi ukumelana nawo ngisho ushaya amakhona. Bayifake i electro-mechanical power steering system eyenza ukuthi isiteringi siye lapho uyikhomba khona kuhle kwemoto encane. Nomzimba awulali kakhulu futhi iyabhalansa ngenxa yokudonsa kwamasonto amane yize uwezwe ecula uma uya ngamandla njengoba bekwenzeka emajikeni aseNdundulu.
Ngike ngthi ngehla eMthonjaneni ngezwa kunomoya kodwa ngenxa yokuthi ineCrosswind Assist yahamba ngaphandle kwenkinga. ICrosswind Assist yenza ukuthi ifake amabhreki, umshayeli engezwa, ukuze izohlala emzileni iqondile.
Kuzona zonke izinkambo zami, indlela engcono ebidla ngayo udizili ngu-9.6l ngo-100km. Ngesikhathi yethulwa ekupheleni konyaka odlule ngake ngagcobhoza ku-8.9l ngo-100km.
Ezokuphepha nezinsiza zomshayeli
Kuningi enakho njengokuthi ikubikela ukuthi ungakanani umoya emasondweni, kukhona i-electronic stability control (ESC), i-automatic post-collision braking, i-hill start assist, i-hill descent assist, ilane change assistant, i-cruise control system ene-speed limiter nepark assist.
Imoto yokuthengwa
Uma unamandla iCaravelle T6.1 yimoto okumele uyibheke ngaphezu kwezimbangi ezifana neMercedes-Benz V-Class ngenxa yokuthi iyabukeka. Ngale kokubukeka kwayo iyazifeza izidingo zokuthwala umndeni ngokukhululeka, ukungcebeleka nabangani, ukujola (angithi babuye bethi ibhasi lomjolo) nokusebenza. Ukudonsa kwayo ngawo womane amasondo kwenza kube lula noma nizikhiphile nazithola senihamba obhuqwini ningaxakeki. Uma kodwa iluma I-Transporter noma iT-Series, ihlukene kaningana ngenhlobo zayo nangentengo lokhu okusiza ukuthi ifeze izidingo zabathengi abahlukene.
Kukhona ezokusebenza (Pick Up Single neDouble Cab nePanel Van) nezokuthutha (Crew Bus, Kombi, Caravelle neCalifornia). Kube buhlungu ukuhlukana neCaravelle ngoba manje sekumele ngishintshe negama kade sengaziwa ngoFanele webhasi.
Intengo
T6.1 Caravelle Highline 2.0 BiTDI 146kW 4MOTION® DSG® R1 166 600
Ifika nemaintenance plan yeminyaka emihlanu noma u-60 000km ne warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km.