NGESIKHATHI iVolvo XC90 yesizukulwane sesibili itheleka kuleli ngo-2015 yemukelwa ngezandla ezifudumele nokuyinto efakazelwa ukuthi yahlomula ngendondo yeCar of the Year ngonyaka olandelayo.

Lo mncintiswano waminyaka yonke wenziwa yinhlangano yezintatheli zezimoto iSouth African Guild of Motoring Journalists.

Leli “Volovolo” njengoba abanye baye bayibize kanjalo iVolvo, lithuthukisiwe ukuze lilokhu liqhubeka nokuba yintandokazi kwabanye.

Ngaphandle awukho umehluko omtheni abawenzile ngoba vele yinhle. Bathe ukuyithinta mbijana kwi-grill nokuyinto engagqamile kangako, bethula amarimu amasha kanjalo nemibala.

Ngaphakathi yilapho indaba ikhona. Bethule enezihlalo eziyisithupha kanti kukhona neneziyisikhombisa uma uthanda. Izihlalo eziyisithupha zihamba ngambili, yingaphambili, phakathi nendawo bese kuba khona iphaseji kanjalo nezinye ezimbili ngemuva.

Ngike ngangena ngahlala kwezokugcina ngemuva sathi ukuhamba hamba. Isikhala sikhona kodwa amadolo kumele athi ukugoba impela uma umude nokuyinto engaba yinkinga uma nihamba ibanga elide. Kushoda nezindawo zokuphumuza izingalo phakathi nendawo kanjalo nezimbobo zokushaja iselula nge-USB. Uma ungusomabhizinisi oshayelelwayo, njengoba ngake ngawabona amanye amaXC90 ebhanyaza amalambu aluhlaza, uzokujabulela ukuthi kunesikhala sokufaka i-twin plug ukuze ukwazi ukusebenzisa i-laptop ube uyishajile.

Isikhala ebhuthini singu-1 856 litres uma ulalise izihlalo kodwa noma zimile sikhona asikhalisi kangako.

IVolvo iyaziwa ngokunganqeni ukufaka ubuchwepheshe ezimotweni zayo. Ababengezile yibhathini phezulu abalibiza ngeVolvo on Call. Okumnandi ifika mahhala iminyaka emihlanu bese uyayikhokhela uma ufuna ukuqhubeka nayo.

IVolvo on Call yenza ukuthi kube lula ukuxhumana nemoto ngokufaka i-app kwiselula yakho noma kwikhompyutha. Ukwazi ukuvula nokuvala imoto, ukubheka uphethroli noma udizili ophakathi nokushisa. Uma imoto ungayiboni ukhanyisa amalambu noma ushaye ihuthi kodwa kuyavela kwinkombandlela ukuthi ikuphi. Kulula nokuyijwayela le app akuthathi sikhathi.

Uma ukhohlwe ukukhiya imoto izosho kwiselula ukuthi imoto ayivaliwe.

Ngaphandle kwalokhu iVolvo on Call yenza ukuthi ukwazi ukufonela usizo uma usenkingeni okanye uma ufuna indlela eya lapho uya khona. Ukhuluma nabantu ubachazele bese bethumela indlela kwinkombandlela yemoto bese ulandela yona wena owabona izazi zaseMpumalanga zilandela inkanyezi.

Uma udinga amaphoyisa noma i-ambhulensi, kukhona ibhathini leSOS kodwa uma uba sengozini, izifonela yona ibatshele nokuthi ukuphi ngaphandle kokuciphiza.

Ukuze abagibeli bangabhoreki emotweni, bayakwazi ukuxhuma iWiFi ngayo iVolvo on Call.

Ngaphandle kwalokhu, kuseyiyo iXC90 abantu abayaziyo. Ngaphakathi iseqophelweni eliphezulu. Ishaya ngezipikha ezigqomayo zeBowers & Wilkins futhi idle ngenqwaba yobuchwepheshe ikakhulukazi obezokuphepha. Ngale kwamakhamera agcwele umzimba wonke alekelela uma upaka, iyakwazi ukuzishayela ngesivinini osikalile futhi isinciphise noma isenyuse uma kunesidingo, iyakwazi ukuzigcina isemzileni ngokuzijikisa isiteringi, iyabhreka uma ibona ukuthi izoshayisa ezinye izimoto, abantu noma izilwane, iyasho uma ibona sengathi umshayeli akasaqaphele, iyabhreka emva kokushayisa ukuze ingadali enye ingozi nokunye.

Ezinye zokuphepha yi-Electronic Stability Control nama-airbag umzimba wonke ngaphakathi.

Ukwengeza ubuhle, uyakwazi ukufaka iR-Design. Iyenza ibukeke i-sporty ngokushintsha amarimu abe ngu-20 inch diamond-cut alloy wheels, izibuko ezimnyama, umhlobiso omnyama ocwebezelayo kwi-grille, izihlalo zesikhumba ezingama-sports seats ngaphakathi nesiteringi sesikhumba esinama gearshift. Ibuye ifike neDrive Mode Settings ne-Adjustable Steering Force eyenza ukwazi ukukhetha ukuthi injini ibe njani, u-gearbox ne-air suspension uma uyifakile.

Ngasohlangothini lwezinjini abazishintshanga kwazise kukhona ezingama-two litre four-cylinder. Kukhona iD5 Geartronic AWD kadizili ene-turbo. Inamandla angu-173 kW ne-torque engu-480 Nm. Bathi iphuza amalitha kadizili angu-5.7 ngo-100km.

Enye yiT5 AWD kaphethroli nayo ene-turbo. Inamandla angu-187 kW ne-torque engu-350 Nm.

Kukhona neT6 Geartronic AWD enamandla angu-235 kW ne-torque engu-400 Nm abathi idla amalitha kaphethroli angu-8.0 ngo-100km.

Eyokugcina yiT8 Geartronic AWD esebenzisa nebhethri. Inamandla angu-300 kW (235 kW no-65 kW webhethri) kanjalo ne-torque engu-640 Nm. Bathi yonga ngendlela eyisimanga ngoba ngo-100km isebenzisa amalitha angu-2.1 kuphela kaphethroli.

Isikhulu esiphezulu sakwaVolvo Car South Africa, uGreg Maruszewski, sithe sekukhona abantu abayifunayo le XC90. Iyimoto ekahle yona yemindeni noma izicukuthwane ngoba inesikhala esenele, intofontofo, emgwaqweni ithule futhi uzizwa uphephile uma ukuyo ngenxa yobuchwepheshe bayo.

Bese kufanele kube khona abakwenzayo kuyo ukuze abathengi bezolokhu bejeqeza ngakuyo kwazise izimbangi, njengeBMW X5 nazo azizibekile phansi. Uzokhumbula ukuthi kukhona iX5 entsha ekhona emakethe kanjalo neVW Touareg nezinye. Engikuthandayo ukuthi azikho izinto eziningi okumele uzifake ukuze uyenze ibe ngcono nezigcina sezinyusa intengo yayo.

Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu neMaintenance plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km neRoadside Assistance yeminyaka emihlanu.