ITHELEKILE eNingizimu Afrika imoto entsha yakwa-Opel iCombo Life okuthiwa inedumela kwamanye amazwe.

Le moto kuthiwa yavotelwa njenge “Bet Buy Car Europe 2019 kwi-Autobest 2019 yizintanteli ezingu-31 zasemazweni ahlukene.

ICombo Life, esesigabeni samaMulti-Purpose Vehicle (MPV) ilayisha abagibeli abahlanu.

Ngaphandle inobhampa abanombala wemoto ngaphambili nangemuva, inamalambo azikhanyelayo uma kumnyama nokunye.

Ngaphakathi ifika ne 7 inhc touchscreen infotainment system okwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay. Isiteringi uyakwazi ukusisetha ukuthi sime kanjani futhi ukuze kwande isikhala sempahla, ulalisa izihlalo zangemuva.

Bathi ikwazi ukudonsa inqola enesisindo esingu-1 100kg.

Ezinye izinto enazo kubalwa kuzo izihlalo okwaziyo ukuzihlela ukuthi zime kanjani, Anit-lock Braking system, Electronic Brake-Force Distribution, Electronic Stability Programme, Traction Control, Hill-Start Assist, ama-airbag ayisithupha ahlanganisa awangaphambili, awasemaceleni nama-curtain airbags, central locking nokunye.

ICombo Life ihamba ngenjini engu-1.6 litre turbo kadizili. Inamandla angu-68 kW ne-torque engu-230 Nm.

ISebenzisa u-geabox oyi-5 speed manaula kanti okuhle ngale njini ukuthi iyonga njengoba bethi ngebanga lika-100km isebenzisa amalitha amahlanu kuphela.

Kwa-Opel babuye baveza ukuthi ekuqaleni konyaka ozayo bazokwethula enye iMPV okuyiZafira Life. BAthi yenza kube mnandi ukuthatha indlela futhi intofontofo.

Inani

R 369 900

Ifika neservice plan yeminyaka emithathu noma * -60 000km, warranty ne-roadside assistance yeminyaka emithathu noma * -120 000km.

Kumele iye kwi-sevisi njalo ngemuva konyaka noma * -15 000km.