HYUNDAI CRETA
HYUNDAI CRETA
MAZDA CX-3
MAZDA CX-3
RENAULT CAPTUR
RENAULT CAPTUR
ABANTU emhlabeni jikelele bayazifela ngama-sports utility vehicle (SUV) ikakhulukazi amancane noma ama-crossover.

Lapha sibala izimoto okukhona kuzo iHyundai Creta, Mazda CX-3, Ford EcoSport neRenault Captur.

Ingabe yiyiphi othola imali engcono ngayo uma uyidayisa?

Ngokomqondisi weTrue Price, uDarryl Jacobson, impendulo yiCreta.

“Bengiwulindele lo mphumela. Ngokwami le moto iphasa kukhona konke. Uma idayisa esidlangaleni baningi abasuke beyifuna.

“Amagaraji azimisele ngokukhokha imali enkulu ngoba ayazi ukuthi izodayiseka kalula,” kusho yena.

Ithimba leTrue Price lihambela izinkundla lapho kudayisa khona izimoto ezisuke zidliwe ngamabhange esidlangaleni bese liqoqa ulwazi.

UJacobson uthe lolu lwazi lusetshenziselwa ukuthola ukuthi imoto ingadayiseka ngamalini.

“Ngokusebenzisa ulwazi olutholakala ekudayiseni kwezimoto ezidliwe ngamabhange esidlangaleni siyakwazi ukuqhamuka nentengo yemoto. Siyiveza ngephesenti lemali okusuke ithengwe ngayo iyintsha,” kusho yena.

Ngokusebenzisa lokhu, le moto yaseKorea iphume phambili ngo-78.95% ihlula izimbangi.

“ICreta kuyifanele ukuba phambili. Le SUV encane enesitayela ihlale iyintandokazi kubathengi abazimele namabhizinisi esidlangaleni. Ihlale inakwa futhi njengoba izibalo ziveza, idayiseka ngemali enhle.

“Iyimoto ebukekayo, entofontofo futhi eseqophelweni eliphezulu. Ngaphakathi yakhiwe kahle, ibhuthi inkulu futhi iyamangalisa indlela enesikhala ngayo kubagibeli ngisho ngemuva,” kusho uJacobson.

IMazda CX-3 iphume endaweni yesibili ngo-77.61%.

“Le SUV encane yakwaMazda kumnandi ukuyishayela, yakheke kahle, ukuyinakekela kushibhile futhi iphuma nezinto eziningi. Ithule ngaphakathi futhi ihamba kamnandi.”

Endaweni yesithathu kube yiFord EcoSport ngo-71.15%. UJacobson uthe inhle futhi ibiza kahle. Uthe abantu bayayithanda iyintsha noma iyisekeni ngenxa yentengo yayo.

IRenault Captur iphume endaweni yesine ngo-69.82%.

“Yimoto enhle kakhulu le. Empeleni yiyona enhle kulezi. Ithembekile futhi iphephile kodwa ayihehi kubathengi,” kusho uJacobson.