IMOTO: GWP P-SERIES
IMOTO edayisa kakhulu zinyanga zonke eNingizimu Afrika yiveni iToyota Hilux nokungathusi ukubona izinkampani zifuna ukuyibangisa ngokwethula ezayo.
Inkampani yaseChina iGreat Wall Motors (GWM) yethule entsha iP Series. I-GWM ayiyintsha emavenini njengoba ngo-1996 yethula iGWM Deer.
Le nkampani yenza kahle kakhulu eChina lapho isidayise khona amaP Series angu-10 000 ngenyanga edlule.
ENingizimu Afrika, kusukela ngo2007 kwaGMW sebedayise amaveni angaphezu kuka-50 000.
Kukhona izinhlobo ezimbili zeP Series okuyiCommercial nePassanger.
Kuzona zombili kukhona ama-double cab kodwa kwi-commercial kukhona i-single cab kuphela.
Inemibala eyisithupha ngaphandle ne- grille enkulu. Ngaphakathi yakhiwe kahle sengathi yizimoto ezingamaSUV akwaHaval. Inezihlalo zesikhumba nasezicabheni.
Ubuchwepheshe enabo buhlanganisa iCruise Control, Automatic Emergency Brake, Lanekeeping assistance nokunye.
Ngaphambili kukhona i-7 inch instrument cluster, idunyiswa ngebhathini, iphinde ibe ne-9 inch multimedia screen okwazi ukusixhuma siveze iselula ngeApple CarPlay noma i-Android
Auto. Uyakwazi nokushaja iselula ngaphandle kokuxhuma intambo.
Ngakwezokuphepha ifika ne-traction control, ama-airbag ngaphakathi nekhamera ngemuva.
I-4x4 ishiye igabade ngo-232mm. Zonke izinhlobo zamaP Series zinenjini efanayo engu-2.0 turbo diesel. Le njini ifuqa amandla angu120kW ne-torque engu-400Nm.
Kukhona u-gearbox ozishintshayo iZF 8 Speed Auto kanjalo noshintshwayo oyi-6 speed manual.
Amanani
COMMERCIAL 2.0TD SINGLE
CAB VERSION
SX 4X2 6MT R339 900
SX 4X4 6MT R384 900
DLX 4X2 6MT R359 900
DLX 4X4 6MT R404 900
COMMERCIAL 2.0TD DOUBLE
CAB VERSION
SX 4X2 6MT R369 900
SX 4X2 8AT R404 900
SX 4X4 6MT R414 900
SX 4X4 8AT R449 900
DLX 4X2 6MT R389 900
DLX 4X2 8AT R424 900
DLX 4X4 6MT R434 900
DLX 4X4 8AT R469 900
PASSENGER 2.0TD DOUBLE CAB
VERSION
LS 4X2 8AT R434 900
LS 4X4 8AT R479 900
LT 4X2 8AT R499 900
LT 4X4 8AT R544 900
Zifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km, warranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km ne-roadside assistance yeminyaka emihlanu.