I-Mercedes-Benz B-Class, e-denim blue ngombala
I-Mercedes-Benz B-Class, e-denim blue ngombala
I-Mercedes-Benz B-Class, embathiswe isikhumba ngaphakathi
I-Mercedes-Benz B-Class, embathiswe isikhumba ngaphakathi
I-Mercedes-Benz B-Class, inesikhala esivulekile sokulayisha
I-Mercedes-Benz B-Class, inesikhala esivulekile sokulayisha

IMERCEDES-Benz yethule iB-Class entsha egabe ngobukhulu yaphinde yafakwa nobuchwepheshe bakamuva.

Le moto ukwazi ukuyithola namaLED headlamps kanjalo nama-daytime running light. Uma uthanda uyifaka amaMultibeam LED headlamps.

Ngemuva i-namaReflector kubhampa ngezansi kanjalo ne-duffuser nolayini we-chrome. Phezulu ine-spoiler esikhulu esingagcini kuphela ngokuyenza i-be sporty kodwa esisiza nendlela ehamba ngayo emoyeni.

Ngaphakathi ukuphakama komshayeli kwande ngo-90mm uma uqhathanisa ne-A Class. Indlela eyakhiwe ngayo icishe ifane neye A-Class entsha.

Phambili kukhona ama-screen amabili angu-10.25 inch. Uma uthanda ufaka neHead-up display.

Le moto ingeyesibili emuva kwe-A class ukuthi ifakwe iMBUX (Mercedes-Benz User Experience) multimedia system.

Inezinto eziningi okubalwa kuzo inkombandlela nokukhuluma nayo ngokuthi “Hey Mercedes”.

Uyayikhetha nokuthi ikhanye kanjani ngaphakathi emibaleni engu-10 enayo.

B-Class bathi iyimoto yemindeni ngenxa yendlela evuleke ngayo ngaphakathi.

Uma ulalise izihlalo isikhala sebhuthi siba ngu-1 540 litres.

INGEMUVA
leMercedes-Benz B-Class entsha


Ibhuthi uma uthanda uyakwazi ukucela ukuthi kube ngelivuleka ngogesi ngisho nokunyakazisa izinyawo ngaphansi.

Ngaphansi kwebhonethi kukhona injini engu-two litre kadizili enamandla angu-110 kW netorque engu-320 Nm.

Ngebanga lika-100km idla amalitha angu-4.5. Isebenzisa * -gearbox oyi eight-speed 8G-DCT.

Enye ngekaphethroli enamandla angu-120 kW ne-torque engu-250 Nm. Isebenzisa u-gearbox oyi-7G-DCT transmission.

Izinto enazo zihlanganisa i-Active Distance Assist DISTRONIC elekelela umshayeli ngokuthi inciphise isivinini uma kuyiwa emajikeni nasezimpambanweni zomgwaqo.

Ifika futhi ne-Active Brake Assist, ama-airbag ngaphakathi nokunye okuningi.

Amanani

Mercedes-Benz B200

R 526 900.00

Mercedes-Benz B200d

R 559 100.00.