I-AUDI A6 yilezo zimoto okuthi uma ziqhamuka ungadingi kutshelwa muntu ukuthi kuzokwehla “irazo” ezigqokele kamnandi futhi enuka kahle ngoba inikezana isithunzi.
Le moto inkulu futhi iyagqama uma iqhamuka. Ubukhulu bayo ububona kahle ngaphakathi lapho khona abagibeli benodedangandlela wesikhala angikhathali ungaba mude kangakanani.
Vula ibhuthi, nayo inkulu isikhala singu-520l. Izihlalo ngezesikhumba futhi ezangaphambili uzihlela ngogesi.
Kodwa ngaphandle kobukhulu, into oyiqaphela kakhulu ngaphakathi yingaphambili layo. Into esebenza kakhulu umunwe awukurufi lutho ngoba okuningi ukwenza kwiscreen ngaphandle
kwengcosana yamabhathini njengelokuyidumisa.
Esiphezulu ngeseMMI touch Navigation system odlala kuso umskazo, ubone inkombandlela, uveze iselula uma uyixhume ngeApple CarPlay/Android Auto, ukubheka nesimo semoto, ubone
ingaphandle lemoto kwazise inamakhamera umzimba wonke nokunye.
Faka izipikha zeBang & Olufsen kuzophuma umsindo ohlelekile njengoba zigqoma.
Ngezansi yilapho uhlela khona ukubanda nokushisa ngaphakathi emotweni. Nangemuva abagibeli bayakwazi ukuzihlelela ukuthi bafuna umoya onjani.
Umshayeli kuthi uma ephakamisa ikhanda abone iHeadUp Display. Bekungaba mnandi ukuba isiteringi usihlela ngogesi ukuthi sime kanjani kodwa ngoba akuyona into oyisetha njalo ayikhalisi kangako.
Uma ususemgwaqeni yilapho ubona khona bonke ubuchwepheshe enabo. Ihamba ngenjini engu-2.0 TDI enamandla angu-140kW netorque engu-400Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-7 speed ozishintshayo.
Lena yinjini emnandi enamandla anele futhi eyongayo kudizili. Ithangi lingu-73l kanti lithi uma ligcwele likutshele ukuthi ungahamba amakhilomitha alinganiselwa ku-1 100km.
Ngisuke eThekwini ngalibangisa kwelabaQulusi eVryheid ngazulazula khona ngaze ngabuya igaraji ngingakaze ngilivakashele.
Ngaleso sikhathi ibidla amalitha angu-6.5 ngo-100km.
Yize inamarimu amakhulu angu-21 inch kodwa ayikhalisi emgwaqweni futhi okumnandi ithule ngaphakathi.
Uvele uyifake ku-Adaptive Cruise Control izihambele futhi ibhreke uma kunemoto phambi kwayo.
Isiteringi iyazijikisa ihlale emzileni kodwa nawe mshayeli kumele usibambe ukuze ungazumeki.
Uma kukhona okuzama ukukuthusa emgwaqweni iyakubikela ukuze ugweme ingozi. Uyabazi-ke kwa-Audi namalambu, uma sekuhwalala amaMatrix LED headlights avele athi bha kakhulu adlule lawa akhanya ubusuku nemini.
Uma uhamba nge-A6 uvele uzizwe uwubhuti osekhulile futhi ifanele bona ngqo. Uma unomndeni unesikhala sonke osidingayo, ayikhathazi uma nithatha uhambo olude futhi iyawuhogela udizili ngoba iyonga.
Intengo:
Audi A6 40 TDI S tronic R919,500 (esihamba ngayo inguR1 189 520 ngenxa yokwengeziwe)
Ifika ne-Audi Freeway Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.