KUMELE ubuye uchushe emapalini ugijima kwi-International Spirit of Amarok
KUMELE ubuye uchushe emapalini ugijima kwi-International Spirit of Amarok
UMSUNGULI we-International Spirit of Amarok uSarel van der Merwe
UMSUNGULI we-International Spirit of Amarok uSarel van der Merwe
UQALILE ngoLwesithathu umncintiswano wokukhombisa ubuchule bokushayela i-4x4, i-International Spirit of Amarok eBloemfontein.

Umncintiswano wasungulwa yingwazi yezimoto zomjaho uSarel van der Merwe lapho abashayeli kumele bakhombise khona ubuhlakani babo ezingqinambeni ababekelwe zona. Phakathi kwazo ukushayela obhuqwini ngesivinini, ezindaweni ezimbi nezinye.

Kusuka ngo-2015 kungenela abashayeli basemazweni ahlukene kanti kulo nyaka kukhona amaqembu aseNingizimu Afrika, Botswana, Namibia, Germany, Czech Republic, Denmark, Australia, Russia, Taiwan nawaseChina.

Kuzoba ngokokuqala ukuthi kusetshenziswe amaVW Amarok 3.0 V6 165kW 4MOTION® Auto. Kuzobe kukhona ashayelwa ngakwesokudla nangakwesokunxele.

INhloko yezokudayisa nokumaketha kwaVolkswagen Commercial Vehicles, uMark Handley, ithe njengaseminyakeni edlule, abashayeli kumele babekezele, bakhombise amandla nokuzimisela ukuze banqobe umncintiswano.

Umncintiswano uzoze usongwe kusasa.

Amaqembu amathathu aphume phambili azohlomula ngezindondo bese kuthi eliphume phambili lithole iWolf Trophy, esuselwe esilwaneni okuqanjwe ngaso i-Amarok.

Ngo-Ephreli kwaVW bamema abezindaba ukuthi beyoncintisana kwiSpirit of Amarok sabezindaba eMbombela. Phakathi kwezinto ezenziwayo ukuqwala izintaba.

Okumele ukwenze wukuchusha phakathi kwamapali, ukalelwe isikhathi. Uma ushayisa ulahlekelwa amaphuzu kanjalo noma ufika ngokushesha kunesikhathi esikaliwe amaphuzu ayalahleka.

Kukhona nomncintiswano wokugijima uchusha emapalini futhi amaphuzu ayalahleka uma ushayisa.