IMOTO: MERCEDES-BENZ CLE CABRIOLET
NGESIKHATHI abanye begubha uJuni njengenyanga yabantu abasha eNingizimu Afrika, bejabulela neholidi elihambisana nawo, kwaMercedes-Benz South Africa bamatasa nokwethula izimoto ezintsha.
Bavule inyanga ngokuletha esheshisa okonyazi iMercedes-AMG GR 63 S E PERFORMANCE okuyithatha imizuzwana engu-2.8 ukusuka ku-0 iye ku-100km/h. Balandele ngesilahla iMercedes-AMG SL 63 elanywe eduze yiMercedes-AMG E 53 Hybrid 4MATIC+.
Enye efike kanye nayo yiMercedes-AMG CLE Coupé, elandele iCLE eyisilahla.
Yiyona iCLE 200 Cabriolet esithole ithuba lokuchitha nayo izinsukwana sibone ukuthi iphetheni.
Kule minyaka edlule, iMercedes-Benz izakhele udumo ngezimoto ongabala kuzo iC-Class ne-E-Class. Emuva kokubona okwenzeka emakethe babuyekeze izinto, bahlanganisa iC-Class ne-E-Class kwaphuma iCLE.
Isilahla yisilahla ngokuvulwa ukhakhayi. Lokhu ngikukhunjuzwe abangani bami ngihleli nabo ipakile ngiyivalile belokhu besho njalo ukuthi asiyivule ukuze sibone kahle ubuhle bayo.
Uma uwumuntu onamahloni ngeke ulunge ngoba iyawadonsa amehlo.
Ukhakhayi lolu oluthambile oluyindwangu kuthatha imizuzwana engaphansi kuka-20 ukulivula. Okumnandi wukuthi yinto okwazi ukuyenza ngisho ihamba inqobo nje uma isivinini singaphansi kuka-60km/h.
Ngenhlanhla eThekwini akukabandi kangako njengakwezinye izindawo ngakho ilanga belingena kahle lisifudumeza.
Uyazi ebusuka uma uke waba sethunzini isikhathi eside uqala ukugodola. Kuyefana nakule moto ngoba uma uqala unyakaza kungena umoya, njengomuntu ozwelayo uyagodola.
Bengivele ngizinyusele wonke amawindi, ngikhiphe i-AIRCAP ethushuka kwi-windscreen iphezulu iphebeze umoya esesebenza neqhamuva emuva kwezihlalo zabagibeli. Okunye okusizayo wumoya oshisayo ophuma entanyeni nezihlalo ezifudumalayo bese uhamba ngokukhululeka uyivulile.
Izihlalo zesikhumba bathi kunabakufakile okuzenza zikwazi ukuhlala zipholile noma ngabe zishiswa yilanga kangakanani.
Empeleni kuningi abakucabangile beyakha njengoba ne-touchscreen se-infotainment system uyakwazi ukuciphiza ibhathini sebheke phansi kancane ukuze uzisibona kahle elangeni.
Kusona uxhuma iselula nge-Apple CarPlay, uzidlalela umsakazo ezipikheni ezisho kamnandi zeBurmester ozifaka uma uthanda, iveza khona ingaphandle uma upaka nokunye.
Ngaphakathi inesikhala esingakhalisi kwazise yinde futhi inkulu kuneC-Class. Inkulu kancane futhi kuneBMW 4 Series Convertible eyimbangi yayo.
I-CLE Cabriolet ine-wheelbase engu-2 865mm abathi yengeza isikhala sabagibeli ngemuva emadolweni nasemhlombe.
Esinye isikhala esikhudlwana ngesezimpahla ebhuthini esingu-385 litres. Uma uyivulile siba ngu-295 litres. Ngiyakuthanda ukuthi uma ufuna uyakwazi ukulalisa izihlalo zangemuva bese isikhala siyanda.
Ngikwazile ukuzilayishela i-campchair, i-braai stand noplastiki bencoso ngiyozibukela abagijimi abebebambe iqhaza kwiComrades Marathon.
Ngosuku olwandulela umjaho, ngiyikhiphe ngabheka eMgungundlovu lapho abebesukela khona.
Ngikhethe ukuhamba ngaphakathi ngigudla eValley of a Thousand Hills ngehla eBotha’s Hill, ekhalise abaningi abebeyinyuka ngaphumela eDrummond.
Amajika aveza ukubambelela kwayo emgwaqweni. Ngichazwe kodwa wukuthula kwayo ngaphakathi nokungezweli kakhulu ezindaweni ezimbi naphezu kokuhamba ngamasondo anamarimu angu-19 inch.
Bayifake i-comfort suspension eyehliswe ngo-15 mm.
Amandla enjini uyayizwa ukuthi yimoto yokuzishayelwa wumoya okuthi uma ufuna athe xaxa uye kwiCLE 53 esanda kufika.
Injini lapha ingu-2.0 litre turbo kaphethroli enamandla angu-150 kW kodwa iyawuthola u-17 kW kwi-boost kwazise ine-48V mild-hybrid system. I-torque ingu-320Nm.
Isuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-7.9 kanti ijubane elikhulu ngu-240km.
Kuphethroli ibidla 8.7l/100km futhi ngethangi ungaphamba ngaphezulu kuka-750km.
Intengo:
CLE 200 – R1 422 089
Ifika ne-service plan ne-maintenance plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.