KUMELE ukuthi uma ufuna ukuthenga iSport Utility Vehicle (SUV) ungene egaraji lakwaMercedes-Benz usuyazi into oyifunayo ukuze ungaphumi usudideke ikhanda.
Phela le nkampani yethule amaSUV amasha okuyiGLA, GLB, GLC 63s Coupé, GLE 400d Coupé, G 400d neGLS.
Wonke lamaSUV akhelwe ukumelana nezidingo zabathengi nokuyinto efanayo njengasezimotweni ezincane zakwaMercedes.
Mercedes-Benz GLB
I-GLB yiyona entsha sha njengoba phambilini ibingekho. IyiSUV encane yomndeni okwazi ukuyithola ngezihlalo eziyisikhombisa uma uthanda.
Yize iqoqeke kahle ngaphandle kodwa i-wheelbase engu-2 829mm yenza ivuleke ngaphakathi. Isikhala ebhuthini sifinyelela ku-1 805 litres.
Izinto enazo zihlanganisa iMBUX infotainment system ukukha phezulu.
Izinhlobo zale moto zihlukene kabili okuyiGLB 250 neGLB 220 d 4MATIC. I-GLB 250 inenjini engu-2 litre kaphethroli enamandla angu165kW ne-torque engu-350Nm. I-220 d 4MATIC nayo injini ingu-2 litre kadizili enamandla angu-140kW netorque engu400Nm. Zombili zino-gearbox oyi-8 speed ozishintshayo. I-220 d imnandi kakhulu ngoba iyonga kudizili I-220d iyacathula obhuqwini kwazise ine-Off-Road Engineering Package
Intengo:
GLB 250 - R831 000
GLB 220 d 4MATIC - R841 000
Mercedes-Benz GLA
I-GLA entsha izinto efika nazo zihlanganisa iMBUX infotainment system ne-car wash function eyenza ukuthi ivale amawindi, sunroof nezibuko ngebhathini elilodwa uma iyowashwa. Uma uthanda ufaka iDriving Assistance Package ehlanganisa ukuthi ibike uma kukhona ongakushayisa emuva uma uhlehla, isho uma kunabantu endleleni, isize ukujika isiteringi ukuze ihlale emzileni nokunye.
Njengamanje zimbili izinhlobo amakhasimende angakhetha kuzo okuyiGLA 200 neGLA 200d. I-GLA 200 inenjini engu-1.3 litre kaphethroli enamandla angu-120kW ne-torque engu-250Nm. I-GLA 200d inengu-2 litre kadizili enamandla angu-110kW ne-torque engu-320Nm. I-GLA 200 inogearbox oyi-7 speed ozisithintshayo kuthi i-200d ibe noyi-8 speed.
Intengo:
GLA 200d - R710 000
GLA 200 - R674 000
Mercedes-AMG GLC 63s Coupé
Uthi uma uciphiza ibhathini kuvuke injini engu-4 litre V8 biturbo enamandla angu-375kW ne-torque engu-700Nm. Izinqawe ngemuva zivele zibhonge kucace ukuthi akumandla
kuyafiwa lapha. U-gearbox uyi-9 speed ozishintshayo kanti esiteringini yilapho ushintsha khona ukuthi ufuna ihambe kanjani kwi-AMG Dynamic Select. Kula mandla ayo inamabhreki abamba thaqa. Amandla akuyona nto egabe ngayo kuphela kodwa inhle nge-grille yayo enkulu egqize nge-chrome namarimu angu-21 inch ukukha phezulu. Ngaphakathi ne-screen esineMBUX futhi yonke into yakhiwe yaqina nezihlalo ezikubambayo.
Intengo: R2 119 000
Mercedes-Benz GLE 400 d Coupé
I-GLE 400 d Coupé yiSUV yomndeni kodwa enesitayela njengoba iyi-coupe nokhakhayi oluyisibaca ngemuva. Lolu khakhayi lunciphisa isikhala ebhuthini kodwa hhayi kangako ngoba inkulu kwazise uma ulalise izihlalo iba ngu-1790 litres.
Inamarimu angu-20 inch futhi uma uthanda ufaka angu-22 inch ne-panoramic sunroof enkulu kunendala. Ngaphakathi inezinto ezifana njengamanye amaSUV akwabo njengama-screen amakhulu angu-12.3 inch ngaphambili futhi ineMBUX.
Okwamanje kusekhona injini eyodwa angu-3 litre six-cylinder kadizili. Inamandla angu-243kW ne-torque engu-700Nm. Engikuthanda ngale njini wukuthi inamandla anele okuyithwala futhi iyonga njengoba ngo-100km idla amalitha angu-7.4.
Emgwaqweni ihamba kamnandi uma uyifake i-airsuspension. Iyaphakama noma yehle umzimba uma ithanda. Inenqwaba yobuchwepheshe bokuvikela umshayeli nabagibeli njengezinye izimoto zakwabo.
Intengo: R1 814 000
Mercedes-Benz GLS
Yingadlangadla abayibiza ngeSClass yamaSUV ngenxa yobutsetse bayo. Okwamanje kusekhona iGLS 400d 4M neGLS 580 4M ezizojoyinwa ngeyomntakabani iMercedesMaybach GLS maduze.
I-GLS 4MATIC iza nenjini entsha kaphethroli engu-4 litre V8 ephinde ibe nebhethri. Ifuqa amandla angu360kW ne-torque engu-700Nm kanti la mandla aphinde anyuke ngo-16kW no-250Nm isikhashana. I-GLS 400 d 4MATIC yona ino-3 litre kadizili onamandla angu-243kW ne-torque engu-700Nm. Zombili zino-gearbox ozishintshayo oyi-9 speed.
Emgwaqweni intofontofo kwazise bayifake i-air suspension. Iphinde ibe ne-Off Road Engineering package ukuze ihambe obhuqwini. Igabe ngenqwaba yobuchwepheshe obenza kube mnandi ukuhamba ngayo. Phakathi kwabo kubalwa izihlalo ezihlelwa ngogesi eziyisikhombisa futhi uma uthanda ziyakwazi ukushisa zonke, inecarwash function, izindawo zokushaja ngemuva, i-tablet engu-7 inch ngemuva, MBUX, nenqwaba yokunye.
Kuningi enakho okusiza umshayeli njengokuthi izihlele ijubane uma kunesiminyaminya nokunye okuningi.
Intengo:
GLS 400 d 4MATIC - R1 842 000
GLS 580 4MATIC - R2 025 000
Mercedes-Benz G 400d 4MATIC
IG-Class yimoto engadinge kwethulwa njengoba ineminyaka ikhona kwazise yethulwa ngo-1979.
I-G400d ngingayichaza njengemoto yabantu asebekhulile ngoba ayinamsindo wenjini njengeG63 kunalokho inenjini kadizili eyongayo. Ingu-3 litre kadizili six-cylinder enamandla angu-243kW ne-torque engu-700Nm. Ngo-100km idla amalitha kadizili angu-8.9. Yize ingenawo amandla eG63 kodwa emgwaqweni ayitotobi nhlobo amandla iwathumela ngokushesha emasondweni.
Iyabukeka njengoba iqoshwe uStronger Than Time kwazise ngeyekhethelo. Ifika iphelele nge-AMG line ehlanganisa amarimu angu-20 inch, isakhiwo se-AMG kubhampa namabrake callipers aqoshwe igama. Ebusuku uma uvula isicabha ibhala igama phansi. Ngaphakathi inezihlalo zesikhumba nokunye okuningi efika nakho ngaphandle kokwengeza imali.
Intengo:
R2 874 000
Esewonke amaSUV akwaMercedes ayisishiyagalolunye. Wonke aphuma ne-maintenance plan yeminyaka emihlanu noma u-100 00km.