KUNENTO ejabulisayo ngokuvakasha, akuyona imicabango emihle yalapho uya khona kuphela kodwa nendlela ohamba ngayo ikwenza umamatheke.
Muva nje, iVolkswagen Amarok ingenze ngahleka ngedwa ngiyithatha, ngibheke eHluhluwe. Kuqhilika izihlathi nje, ngimangazwa amandla enawo ongafunga ukuthi yimoto encane.
Ngigcina ukuzwa amandla ababazekayo evenini kwakungu-2018, kufika iMercedes-Benz X-Class engasadayisi. I X-Class 350d V6 yayinenjini engu-3 litre efuqa amandla angu-190 kW ne-torque engu-550 Nm.
I-Amarok nayo inenjini engu-3.0 litre V6 enamandla angu-190kW netorque engu-580Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-8 speed ozishintshayo.
Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-7.6 kuthi ijubane elikhulu ngu-207km/h. Uma ngingakukhumbuza, iX-Class kwakuyithatha imizuzwana engu-7.9 ukuya ku-100km/h futhi ijubane elikhulu kungu-205 km/h.
Lokhu kusho ukuthi i-Amarok yiveni elikhonyayo ngamandla alo eNingizimu Afrika, futhi elidayisayo ngoba ngemizuzwana engu-10 ku-overboost, eba ngu-200kW.
Uma sengilayisha ngiyaqaphela ukuthi esikhenkeni ayikho ikhava yokuvala nokuphoqa ukuthi ngifake ezihlalweni zangemuva ngenxa yokuthi sihamba sibabili. Ngingakweluleka ngokuthi uthole ikhava yesikhenke ukuze ukwazi ukulayisha kahle impahla ivikeleke.
Sithe sidlula ngaseMtubatuba, lavele laqala lana kwaba nenkungu. Yilapho ngibe sengikhanyisa amalambu enkungu ngaphambili nangemuva. Namalambu amakhulu angamaBi-Xenon abesekhanya bha, ukuze abanye abashayeli bangibone. Ngenhlanhla bekungabandi futhi lokho bekungeke kube yinkinga, kwazise izihlalo zesikhumba zangaphambili ziyakwazi ukuthi zifudumale.
Engikuqaphelayo kulolu hambo lwethu ukukhala kamnandi kwezipikha. Umculo besiwudonsa kwi-iPhone evela kwiscreen se-infotainment system kwazise ine-Apple CarPlay. Lesi screen sincane nokho kodwa uyakwazi ukufaka iDiscover Pro Media system enenkombandlela uma uthanda.
UN2 esigudla kuwo ubugcwele amaloli, yilapho ukuba nale njini kusiza khona. Kuba ukulibeka nje unyawo emafutheni, isukume kwazise netorque uyithola kusuka ku-1 400 kuya ku-2 750 rpm. Uma sibamba amakhona ihleli umzimba awulali futhi kulekelela nawukudonsa kwayo ngawo womane amasondo.
Lapho engiyizwa ikhala ngaphansi khona uma uyiqhathanisa nezimbangi ezinjengeFord Ranger Thunder wubuntonfontofo bayo. Amabhampi siyazwela ayi ngoba amasondo emakhulu njengoba engu-19 inch kodwa nosuspension uthe ukuqina mbijana.
Uma sesingena obhuqwini sesibheke eFalaza Game Park & Spa, lapho sizochitha khona impelasonto ihamba kahle. Ngendlela ubhuqu oluhle ngayo akukho lapho kuze kudingeke ukuthi sisebenzise khona udiff lock.
IFalaza esize kuyo ayiphoxi neze. Inhle kulalwa ematendeni ashaya umoya wezihlahla, abasebenzi banezinhliyo ezinhle benza isiqiniseko sokuthi awushodi ngalutho.
Uthi uhlehlela lapho kupakwa khona, ingemuva livele kwiscreen futhi namasensor ayasho uma usuzoshayisa.
Noma sesibuya udizili usakhona kwazise ithangi lingu-80 litres. Size safaka emuva kokuhamba amakhilomitha angu-611.6km isasho ukuthi sisengahamba amanye angu-65km. Ohambeni lethu ibidla amalitha angu-9.9 ngo-100km.
Ngeke ngithuke uma sengibona le Amarok iphayiza amalambu aluhlaza igade imoto yesikhulu ezihlale zijahile emgwaqeni ngoba inamandla. Ngeke ngithuke futhi ngiyibona idonsa inqola esindayo ngaphandle "kokujuluka". Intengo nokho ikwenza uzibuzisise ukuthi ingabe uyidinga ngempela yini.
Intengo
Volkswagen Amarok Highline 3.0 TDI 4MOTION® Auto R921 900
Ifika neservice plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km newarranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.