I-HAVAL isebenzise umbukiso wezimoto iFestival of Motoring, osongwe ngempelasonto enkundleni yezimoto iKyalami eGoli ukwethula iH2 entsha.

I-H2 ngenye yamaSport Utility Vehicle (SUV) asembangweni wabathengi njengoba kwaziwa ukuthi izinkampani seziqinisa ngakuwo kulezi zinsuku futhi nabathengi bezifela ngawo.

Kusukela yethulwa ngoMeyi 2017 kuleli iH2, ngokusho kwabanikazi bayo, yenza kahle kakhulu esigabeni samaSUV amancane okubonakala ngokuthengwa kwayo.

Bathi lokhu kungenxa yezinto efika nazo, ukuphepha okuhlanganisa nokuthi yathola izinkanyezi ezinhlanu ihlolwa ngabe-ANCAP nokuthi ibiza kahle.

Bathi ethuthukisiwe izofika ngezinhlobo ezine futhi okukhona kuzo ezisebenzisa u-gearbox oshintshwayo nozishintshayo. Imibala ngaphandle izohlukana kayisishiyagalombili.

Izinto ehluke ngazo zihlanganisa i-grille ngaphambili, amalambu kanjalo nobhampa abahlukile ngaphambili nangemuva. Kukhona namarimu amasha ayi-5 spoke.

Ngaphakathi ifika ne-sunroof kuzona zonke izinhlobo kodwa iLuxury iza ne-panoramic sunroof, ineCarPlay bese kuba khona nezinye izinguquko ezingatheni futhi.

Injini, i-gearbox, i-suspension, ushesi nezokuphepha kusafana nakwendala, akukho okushintshile.