SELENYUKELE ku-21.1% izinga lokutheleleka kwabantu ngegciwane iCorona kuleli.
Izibalo zakamuva ezikhishiwe yisikhungo ezibhekele izifo ezithathelanayo kuleli, iNational Institute of Commnunicable Diseases (NICD), zikhomba ukuthi bangu-6,372 abantu abasha abahaqwe yileli gciwane kuleli. Lokhu kuholele ekutheni babe ngu-3,776,298 abahaqwe yileli gciwane selokhu lafika kuleli, abashonile ngesikhathi esifanayo bathathu, osekuholele ekutheni isibalo sababulawe yileli gciwane selokhu lafika kuleli senyukele ku-100,351.
Ngokombiko okhishwe ngeSonto ntambama, iGauteng ihamba phambili ngesibalo esiphezulu sabantu abangu-1 727 abahaqwe yileli gciwane, ilandelwe yiKwaZulu-Natal ngabantu abangu-818 abahaqwe yigciwane.
Amagciwane azalwe yi-Omicron yiBA.4 neBA.5 yiwona ahaqa abantu okwamanje.
UDkt Nicholas Crisp, umqondisi woMnyango wezeMpilo kuleli, uthe abakuqaphelayo ngalezi zibalo wukuthi abantu abaningi abahaqwe yigciwane ngabantu abangagomile.
Uqhube wathi okwamanje abakabi baningi abantu abalaliswe ezibhedlela ngenxa yegciwane.
"Esikukhuthaza wukuthi abantu abangakagomi bagome. Abasagome umgomo owodwa okumele ngabe bagome imigomo emibili mabaye ezikhungweni zempilo bayogoma umgomo wesibili; okumele bayojova imijovo enikeza imigomo amandla ama-boosters babuyele bayothatha leyo migomo ukuze sivikele ukuthi abantu bagule kakhulu uma behaqwa yileli gciwane," kusho yena.