KUSAZOTHATHA isikhathi ngaphambi kokuthi kubonakale zehla izibalo zabahaqwa yiCovid-19 kuleli.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Joe Phaahla, uthe kungenzeka kuphele amasonto amabili ngaphambi kokuthi kubonakale zehla izibalo zabahaqwa yiCorona kuleli.
Uthe okwamanje izifundazwe ezihamba phambili ngabantu abaningi abahaqwa yileli gciwane iWestern Cape neKwaZulu-Natal.
IWestern Cape seyike yafika esigabeni sokuthi izinombolo zabahaqwa yileli gciwane zingabe zisenyuka kodwa kwaba ngokwesikhashana. Njengamanje seziphinde zenyuka, kanti KwaZulu-Natal khona zisalokhu zenyukile izibalo.
"Okwenzeke eWestern Cape akujwayelekile. Esikwaziyo ukuthi uma izibalo sezifike lapho zimi khona ndawonye zibe sezehla, kodwa kunokuthi zehle sezivele zaqala phansi zenyuka. Ngiyazi lokhu kuyethusa kodwa okusempeleni, sinegciwane elisha esingazi nathi ukuthi silindeleni ngalo ngoba lisazishintshashintsha," kusho yena.
Uthe kulesi siwombe sesithathu sokuhlasela kweCovid-19 kuleli, babe bancane abasebenzi bezempilo abahlaselwe yiCovid-19 ngenxa yokuthi iningi labo ligomile.
"Inkinga esibhekene nayo eyokuthi, nakuba bengagulanga kakhulu kulesi siwombe abasebenzi bezempilo kodwa bakhathele, badinga ukuphumula. Sidinga ukuthi senze izinhlelo zokuthi kuqashwe abanye abasebenzi bezempilo abengeziwe ukuze laba abakhona bezokwazi ukuthatha ikhefu, baphumule ukuze bakwazi ukubhekana nesiwombe sesine sokuhlasela kwegciwane okulindeleke ukuthi kufike ngoDisemba," kusho uDkt Phaahla.
Izibalo zakamuva zabahaqwa yiCovid-19 kuleli ezikhishwe yisikhungo esicubungula izifo ezithathelanayo kuleli, iNational Institute of Communicable Diseases (NICD), zikhomba ukuthi bangu-10 748 abantu abahaqwe yiCovid-19 emahoreni angu-24, okwenza ukuthi isibalo sabahaqwe yiCovid-19 kuleli, senyukele ku-2 690 973.
Abantu bakamuva ababulelwe yizifo ezisondelene neCovid-19 bangu-170 okuholele ekutheni isibalo sababulewe okuhlobene nobhubhane kuleli senyukele ku-79 421.
UNkk Sinenhlanhla Jimoh weNICD, uthe izibalo zakamuva zabahaqiwe, zikhomba ukuthi eKZN abantu abahaqwe yileli gciwane emahoreni angu-24 bangu-13%, e-Eastern Cape bangu-16% abase-Western Cape babe ngu-22%.