UNGOTI ocwaninga ngamagciwane adala izifo uSolwazi Abdool Karim Salim uxwayisa ngokuthi kungenzeka igciwane leCorona elizobe likhona ngesiwombe sesihlanu liholele ekutheni izibhedlela zigcwale ngesikhathi esincane.
Isiqubu sesihlanu sokuhlasela kwaleli gciwane kulindeleke ukuthi sifike kuleli ngenyanga ezayo.
Ososayensi phambilini bebethi kungenzeka igciwane elizobe likhona ngalesi sikhathi lingabi nawo amandla ngenxa yokuthi abantu abaningi kuleli sebeke bahaqwa iCovid-19, abanye bagomile kodwa uSalim, uthe kumele sifike lesi siwombe abantu sebekulungele ukubhekana naso ngoba uma kungenjalo bangazithola belaliswa ezibhedlela ngoba maningi amathuba okuthi leli gciwane lisabalale kakhulu kune-Omicron okuyigciwane lokugcina ebelihaqa abantu kuleli.
“Esikwaziyo ngaleli gciwane ukuthi lizosabalala ngokushesha kune-Omicron ngoba igciwane elisha ukuze ligqibe ebelikhona phambilini kumele libe namandla kunalelo elisuke likade likhona.
“Leli gciwane ngeke ligcine ngokusabalala masinyane kodwa lizobe lihaqa abantu abaningi ngokushesha okungaholela ekutheni izibhedlela zibe nengcindezi ngesikhathi esincane,” kusho yena.
Usolwazi uthe umengameli wenze kahle waxegisa imithetho elawula ukusabalala kwegciwane ngalesi sikhathi njengoba izibalo zabahaqwa yilona zisephansi.“Lesi yisikhathi esikahle sokuthi abantu benze imicimbi yabo ebebeyimisile ngesikhathi igciwane lisasabalala ngamandla.
“Abenza imicimbi yokuthwesa iziqu abayenze ngoba ukusabalala kwegciwane akuzuhlala kukuleli zinga okukulo njengamanje kungenzeka isimo sishintshe. Maphakathi noMeyi kungenzeka sibone izibalo zabahaqwa yigciwane zenyuka futhi," kusho yena.
Uma kwenzeka izibalo zinyuka kumele abantu bakhumbule ukuthi zikhona izindlela zokunqanda ukusabalala kwalo ezifana nokufaka izifonyo, ukuqhelelana nokugwema imicimbi esendaweni evalekile.
"Uma zinyuka izibalo zabahaqekayo akusho ukuthi sekumele senze izaba zokunqanda ukusabalala kwegciwane ngesikhathi esisodwa, kumele senze lokho okuvumelena nesimo ngaleso sikhathi.”
Isikhungo esenza ucwaningo lwezomnotho iBureau for Economic Research (BER), sithe amasampula amanzi ahambisa indle aseGauteng akhombisa ukuthi seliyenyuka izinga labantu abahaqwe iCovid-19 okusho ukuthi siyeza isiwombe sesihlanu sokuhlasela kwegciwane.
UNgqongqoshe wezeMpilo eBotswana uDkt Christopher Nyanga umemezele ukuthi kunegciwane elisha le-Omicron elitholakale kuleliya lizwe kodwa wathi abantu abangethuki, ososayensi basalihlola.