BANINGI kakhulu abantu bakithi abahlushwa isigubhukane okanye kube isimbelambela sesiyezi nokukhathala, baphume bengena befuna usizo, abanye bagcine sebelashelwa igazi okuthi walehlile emzimbeni kodwabagcine bengasizakalanga.
Ziningi izimo nezifo ezingabangela isiyezi nokukhathala kodwa namhlanje ngifisa ke sibuke imbangela evumbuka enhliziyweni nalena ephehlwa yindlala esentanyeni, iThyroid. Isiyezi nokukhathala izimo ezikhathaza zithunaze kakhulu umzimba. Uma unenhliziyo enamaxhwala, uzwa esifubeni ubuhlungu obungapheli obukubelesela uzeuvume uNoyana, izinhlungu zakhona zize zinyukele entanyeni nasengalweni yesinxele, iqaqambe kuzwele ngaphakathi ngasekhwapheni.
Kwesinye isikhathi uthiuma uyohlola ngomshini wenhliziyo okuthiwa yi-ECG (Electrocardiogram), udokotela akuchazele ukuthi inhliziyo yakho ikhombisa ingcindezi yamaxhwala akhandwe amanxeba asenesikhathi enzeka kodwa elokhu eshaya, inhliziyo iqhubeka nokulokhu ifingqana nje. Ithi ikhipha igazikanti isinyathela nasesishozini bese kusondela izinhlungu ongakwazi ukuzibekezelela.
Siyisizwe esiyiso, sikujwayele ukubekezela sithule nje, sibe sibona ukuthi ukugula kuhamba nathi. Ake sibukisane esinye isimo esikhandeka sibe ukukhathala okuhambisana nesiyezi okubangelwa yiyo inhliziyo.Inhliziyo ithi uma ifingqana ikhipha igazi ilisabalalisa, kumele libe ngamalitha amahlanu njalo ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zomzimba. Lokhu kuchaza ukuthi lapho elitheleka khonaigazi lisuka emaphashini, kumele kukwazi ukumumatha ubungako balo.
Uma ngandlela thize ummumatho ungaselona inani legazi elilindelekile, nakanjani zizoqala izinkinga zokuphelelwa ngamandla, isiyezi, kwabanye kuhambisane nekhanda, inkwantshu engalapheki namajaqamba emzimbeni azojikeleza aye ngapha nangapha. Esinye sezizathu ezenza inhliziyo ibe nommumatho omncane, ukukhukhumalela ngaphakathi kwayo, endaweni yokuthi inwebekele ibheke ngaphandle yona ishintshe umkhondo. Asisale sesikhuluma nangokuthi inhliziyo uma seyikhukhumele iyasindana ingabe isakwazi ukusukuma ifingqane ngendlela yakhona.
Nalokhu kunciphisa igazi elikhishwa yinhliziyo kulokhu kube ngenxa yokusindana ukusukuma kwenhliziyo. Lezi zizathu ziyathungelana okunye kuholele kokunye, ihluleke inhliziyo ize ithelele izinso, induku kwabesilisa, ukungahaleli kwabesifazane, iphele imizi, imindeni ibhekane ngeziqu zamehlo, kube yimbedu mehlwana emphakathini.
Zonke lezi zigigaba esisizibalile zilandelisa ngokukhathala nesiyezi okungalawuleki. Ngike ngasho ngathi kuningi okwenza umzimba ukhathale ucobeke. Omunye useze wakujwayela ukukhathala ngale ndlela. Esizolokhu sikugcizelela namhlanje ukubaluleka kokuthola umsusa. Thola ukuthi umhlola uvelaphi. Baningi abantu bakithioyaye uzwe kuthiwe ubike ukukhathala wagcina elala unomphela, akabange esavuka.
Uma uzwa umbiko onjena, kumele uzibuze njalo ukuthi usuhambe wafikaphi wena ngokukhuluma wazise abantu bakithi ngezifo ezinhlobonhlobo futhi ezilaphekayo?
Uma uzibuza ukuthi yiziphi izifo ezingu-10 ezihamba phambili ekuthatheni impilo yabantu, impendulo ithiizifo eziyisimbelambela futhi ezelaphekayo ziphinde zivikeleke kalula nje. Pho yini eyenza abantu bakithi bahambe emhlabeni kanjena?
Yini eyenza singafuni ukungena ohlelweni lokuzivikela ukuze siphephe kule nsindabadala esibhuqabhuqayo?
Namhlanje ngithe ake sibuyele kwisiyezi nokukhathaIa, sihlaziye ngobaabaningi babika lezi zimpawo, okulandelayo sebehambile emhlabeni. Abanye baphelelwa amandla banqanyukelwe ngumoya, kungaphefumuleki, ukusuka lapho, nqwambi sebeshonile njalo.
Lezi zimo ziyavikeleka!
Yini pho sivume ukushiya imindeni yethu isidinga kangaka?
Umbuzo othi yini engingayenza ukuthatha igxathu lokwelapha inhliziyo?
Impendulo ilele ekwelapheni umsusa wokugula okuwukudla ushukela, ukudlala manandinandi esiwathenga ezitolo ziwukudla okusheshayo (fast foods) nokudla inyama yezinyoni nezilwane ezikhuliswe kusheshiswa. Ngikhuluma ngolamthuthu, inyama yenkomo yasezitolo, eyemvu yakhona neyengulube.
Ake sizilinge senze lokhu, sizinike izinsuku ezingu-10 nje kuphela.
Nazi lezi zinto:
1. Asiyeke ukudlaushukela, nazo zonke izidlo ezinoshukela okungaba iziphuzo ezihlohlozayo, amajusi okuthiwa akhiwe ngemvelo yawo uma besikhohlisa, izinkwa, yizidlo ezinye ezidinga ubisi zasekuseni, iziphuzo okuthiwa azinashukela, uju oluthengwa ezitolo. Sehlukane nokunoshukela nje, zibe ngu-10 izinsuku.
2. Asehlukane nokuthenga sidle izidlo ezidayiswa sezivuthiwe, okwethukube ukufudumeza. Lapha ngikhuluma ngo-pizza, hot dog, ice cream, kuningi kakhulu.
3. Asisebenzise i-ExtraVirgin Olive Oil, ibe ngu-150mls ngosuku okanye ibenguhhafu enkomishini njalo ngosuku.
4. Asiphuze amanzi ngendlela yempilo; okuwukuphuza izingilazi ezimbili uma sivuka; siphinde ezimbili ngaphambi kokulala, bese siphuza ezimbili njalo ngaphambi kokudla
5. Asidle amasi okungenanikane ngeviki, okanyei-yoghurt eyi-full cream ekhandwa ngamajikijolo noma ingafakwa zithako. Sidle okuphuma ezihlahleni, kungaba amagwava, ukherothi,..okungenani kube kuhlanu ngosuku. Singakhohlwa amakhowe nokotapheya. Lezi zithelo asisidle kane evikini zona zizodwa.
6. Asehlukane nenkukhu ulamthuthu, sehlukane nama-braai pack, inyama ethengwa isivuthiwe yezitolo esizijwayele nezinye ngenxa yamakhemikhali afakwe kuzo ikakhulu uma zichanyiselwa nalapho zikhuliswa. Kanjalo nenyama yezinkomo yasezitolo, amabhusha. Konke kukhuliswe ngamakhemikhali. Asidle inyama yenkukhu ekhuliswe ekhaya, inkomo nemvu okukhuliswe ekhaya ngoba yikhona okunempilo evelele.
7. Thola isikhathi sokuphumuza umqondo njalo osukwini, uthandaze ngaleyo ndlela ehambisana nawe, uzivocavoce imizuzu engu-20 ngosuku, zibe zine izinsuku evikini. Ngithi nakhu sizwe sakithi, izinsuku ezilishumi kuphela uzowubona umehluko ozokwenzeka empilweni yakho.
Mpilonhle!