UMBUZO
NGINGOWESIFAZANE olotsholwe zaphelela zonke, sekusele ukuthi ngishade kodwa manje ngizwa sekuthi xhifi-nje, akusavumi ngiqhubeke nale nto.
Angazi noma ngithi angisamfuni yini lo muntu okanye angisathandi ukuhlala naye kodwa nje kukhona into engasavumi kahle. Okubuhlungu ukuthi sebezidlile izinkomo ekhaya futhi ngiyasaba ukuthi kungenzeka umyeni wami azifune ebese ekhaya bengizonda ngokuthi kungani ngingasavumi ukuqhubeka nomkhwenyana.
Ngisenkingeni angazi ukuthi ngenzenjani ngoba angisafuni ngempela ukuqhubeka nomshado.
IMPENDULO
ANGAZI kungani uvume ukulotsholwa kwasekuqaleni. Angazi futhi nokuthi yini edala ungabe usafuna ukushada naye kodwa engingakusho wukuthi kungcono uqale utshele umama wakho kuqala ukuthi uzizwa kanjani ngayo yonke le nto ngaphambi kokuthi ifike kumyeni wakho nabasemzini.
Mhlawumbe likhona ikhambi abazali bakho abangaphuma nalo. Okumele ukwazi wukuthi umyeni wakho le nto uma engayizwa ingamhlukumeza kakhulu ngoba njengamanje injabulo iyachichima kuye, ulindele ukuthi uzoshadelwa.
Kungakuhle-ke niqale niyilungise nodwa ekhaya, uma futhi kunesidingo sokuya kubantu besintu ningaya ngoba njengamanje kubukeka sengathi inkulu inkinga