INHLANGANO yezempilo emhlabeni iWorld Health Organisation (WHO), ithi izinyanga ezizayo zisazoba nzima njengoba amazwe amaningi eseqalile ukubona izibalo zabahaqwa yiCovid-19 zenyuka.
UMqondisi-jikelele we-WHO, uDkt Tedros Adhanom Ghebreyesus, uthe amazwe okubukeka sengathi azoba senkingeni kakhulu yilawo okunezinkomba zokuthi asengcupheni yokuthi ahlaselwe yisivunguvungu sesibili seCovid-19 njengamanje.
Uthe maningi kakhulu amazwe aseqalile ukubona izinkomba zokuthi kungenzeka ahlaselwe yisivunguvungu sesibili seCovid-19.
“Izinyanga ezizayo zizoba nzima kanti amanye amazwe sekubonakele ukuthi azothwala kanzima kakhulu kunamanye. Maningi kakhulu amazwe kumanje anezibalo zabahaqwa yileli gciwane ezenyukayo. Iziguli eziningi kuwo sezilaliswe ezibhedlela emagunjini abadinga ukunakekelwa okuthe xaxa. Njengamanje siseku-Okthoba okusho ukuthi uma isimo siqhubeka ngale ndlela kuzoba nenkinga yokushoda kwemibhede ezibhedlela,” kusho yena.
Unxuse abaholi bamazwe ukuthi bahlale besiqaphile isimo emazweni abo, uma kuba nesidingo basheshe bathathe izinyathelo ezifanele zokunqanda ukusabalala kwaleli gciwane.
Izibalo zakamuva zikhomba ukuthi bangu-42 million emhlabeni abahaqwe yiCovid-19, abashonile bangu-1.1 million.
UDkt Maria van Kerkhove, weWHO e-Europe, uthe isimo sakwamanye amazwe ase-Europe siyakhathaza, njengoba sekukhona amazwe asenezibalo ezintsha zabahaqwe yileli gciwane.
“Kwamanye amazwe lezi zibalo ziba wuhhafu wezibalo ebezikhona ngamahora angu-24. Lokhu kuyakhathaza impela. Imibhede ebekelwe ukulalisa iziguli ezidinga ukunakekelwa okuthe xaxa, uma ukuhaqeka kwabantu kwenyuka ngendlela efanayo emasontweni ambalwa imibhede izobe isiphelile,” kusho uDkt Van Kerkhove.
Amazwe okubikwa ukuthi asenezinkomba zokuthi angase ahlaselwe yisivunguvungu sesibili ngokushesha kubalwa iSpain, Hong Kong neMexico.
KwaZulu-Natal uNdunankulu uMnuz Sihle Zikalala uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi ziyanyuka izibalo zabahaqwa yileli gciwane.