Umbuzo
Ngingowesilisa, ngihlala nomama wengane yize ngingakamloboli kodwa ngiyamthanda futhi sesihlale naye isikhathi eside. Inkinga usenomkhuba engingazi ukuthi uwuthathaphi. Useqala ukungincisha ucansi. Uma ngithi ngiyambuza ukuthi ngoneni, uthi usekhathele ukulala nami mahhala.
Uthi ngeke esanginika ucansi kuze kube ngiyovela kubo. Yebo ngiyasebenza futhi ngiyafisa ukumlobola kodwa manje njengoba sihlala ndawonye, izindleko ziningi. Nemali igcina iphela, kwazise yimina ngedwa osebenzayo. Ngicela ungibonise MaGumede ngenzenjani ngoba angifuni ukugcina sengiyofuna ucansi ngaphandle ekubeni ekhona yena. Ngiyamthanda kakhulu.
Impendulo
Yize ngingasazi isizathu esenza ukuthi nigcine senihlala ndawonye ekubeni ningashadile kodwa angiboni kuwumqondo omuhle ukuthi nihlale ndawonye, ngoba nawe uyathanda ukumlobola inkinga izindleko zonke ziphezu kwakho.
Kungakuhle nihlukane ngokuhlala yikhona uzokwazi ukuqongelela imali yokuyovela kubo.
Uma engeke akwazi ukuyoziqashela, kungcono ayohlala ekhaya kubo ngoba vele akasebenzi uhleli nje.
Uma umthanda ngeke uphume uyofuna ucansi ngaphandle kodwa uzokwenza indlela yokuthi nilungise lento ngoba nakho ukuyofuna ucansi ngaphandle kungenza ukuthi isimo sibe sibi kakhulu. Angaze acabange nokuthi awumloboli nje ngoba vele khona osuthandana naye. Ukhumbule amaphutha awalungiswa ngamaphutha.