Mbali Khanyile
ABE-SOUTH African Depression and Anxiety Group baxwayisa abantu ngokuthi abagweme ukhwantalala njengoba amaholidi okuphela konyaka enezinto eziningi eziholela ekutheni bagcine benengcindezi.
UNksz Collen O’Day ongungoti ezifweni zengqondo, uthe kuningi okungaholela ekutheni abantu bagcine beba nokhwantalala kula maholidi nokuholela ekutheni bagcine bephathwa yizifo ezihambisana nokuphazamiseka kwengqondo.
“ Uma kungamaholidi okuphela konyaka kuvamise ukuthi kube nezinhlelo eziningi ezidinga imali nesizenza nabangani nemindeni yethu. Lezi zinhlelo ziba yimbangela yokugula kwabantu okudalwa yingcindezi abazithola sebephila ngaphansi kwayo. Ukuhambela imicimbi nokuba matasa ngokuvakasha ngokunye okuba nomthelela enkingeni yokhwantalala,” kusho uNksz O’Day.
Uqhube wathi nalabo abahlala ngabodwana babhekana nengwadla yokubulawa umzwangedwa oholela ekutheni babe nokhwantalala.
Uthe kumele abantu bazinike isikhathi esanele sokuhambela ongoti abeluleka ngokwengqondo uma bezizwa bengekho esimeni esikahle emoyeni. Uthe utshwala akumele bube yisisombululo kubantu abazizwa benokhwantalala.
“ Izinkinga zanda kakhulu kubantu abacwila otshwaleni ngenhloso yokuzama ukukhohlwa yikho konke okusuke kubakhungethe. Ngokwemibiko ye-Anxiety and Depression Association of America abantu abaphathwa wukhwantalala bavame ukucwila ezidakamizweni ngenhloso yokuzama ukugwema ukhwantalala. Lokho akusiwo umkhuba omuhle ngoba uzandisa kakhulu izinkinga,” kusho lo ngoti.
Nakhu ongakwenza ukuze ugweme ukhwantalala kula maholidi:
– Khuluma uma kukhona okungakuphethe kahle. Zama ukungafihli uma uphatheke kabi. Thola umuntu othembekile nongakhuluma naye ukuze akweluleke enkingeni obhekene nayo.
– Gwema umzwangedwa. Uma udliwa umzwangedwa zama ukuzisondeza kubantu abangakwenza uzizwe ujabulile emoyeni.
– Thola ezinye izindlela zokuxhumana nomndeni nabangani bakho uma uqhelelene nabo. Zijwayeze ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuze ungagcini nokukhuluma nabantu osondelene nabo ngocingo kuphela.
– Qikelela ukuthi aweqi emalini oyihlelele ukuyisebenzisa kula maholidi. Lokhu kungakusiza ekugwemeni ukuphathwa wukhwantalala lokuphelelwa yimali engakapheli amaholidi. Kugweme ukujabulisa abantu ngemali yakho yokugcina.
– Hlela izinto kusenesikhathi ukuze ugweme ukhwantalala lokuhlela ngomzuzu wokugcina. Zihlelele izinsuku zokuthenga igilosa yakho ukuze ungazitholi usutatazela ngoba ungagcina umosha imali ngokuthenga izinto ongazidingi ngenxa yamatata.
– Qikelela ukuthi uyawunakekela umzimba wakho. Isikhathi esiningi uma kuyilesi sikhathi sonyaka abantu abakubheki abakudlayo nabakuphuzayo. Zama ukugwema isikalo sokudla okuningi kakhulu. Zijwayeze ukudla okunempilo bese uzama ukugwema ukudla oswidi kakhulu neziphuzo ezihlohlozayo. Zijwayeze ukuzivocavoca.
– Hambela kude notshwala nezidakamizwa