NGOKUJWAYELEKILE, isikhathi esiningi, uma kuqala unyaka kuba nezinhlelo abantu abazibekela zona nezinto abazifisayo.
Yize lo mkhuba uyinto esingenisile kubantu abaningi, kulo nyaka kubukeka kuzoba wumqansa ekutheni abantu bakwazi ukuzigcina zonke izithembiso abazenzayo emqondweni yabo nabafisa ukuthi bazenze ngenxa yeCovid-19 eguqule isimo sempilo.
Ungoti wezengqondo, uMnuz Phumlani Mbatha, weMi Wellness, uthe ukuze abantu bagweme ukuphoxeka nokuzithola benengcindezi abangayidingi empilweni yabo, kumele babheke ukuthi u-2020 ubaphathe kanjani.
Uthe ukubhidlika kwezinhlelo abebenazo ngonyaka odlule kumele bakubeke emqondweni uma benza izinhlelo zabo kulo nyaka.
“Sibone into ebesingayilindele ukuthi ingase yenzeke empilweni yethu ngonyaka owedlule. Abantu abaningi baphelelwe wumsebenzi, abanye bashabalalelwa ngamabhizinisi abo abebethembele kuwona nabengenisa imali. Yize uvalo lukhona kodwa akumele basabe kuze kweqe ngoba bazogcina bemisa izinhlelo okumele ziyise impilo yabo phambili. Okusemqoka manje wukuthi babe nazo ezinye izinhlelo abazibeka eceleni komgodlagodla walezo abazibeke phambili abafuna kube yizo eziphumelela kakhulu ezinhlelweni abanazo,” kusho uMbatha.
Uthe ukuze abantu balekeleleke ekutheni bangazitholi sebenokhwantalala lokungaphumeleli kwezinhlelo zabo ngenxa yemali, ukuphelelwa wumsebenzi nokungahambi kahle kwezinto kulo nyaka, kumele bangalehlisi izinga lokuphupha ngezinto ezinhle nabafisa ukuthi zifezeke empilweni.
Uthe ukuxukuzisa umqondo ngokucabanga izinto ezinhle kunomthelela omuhle engqondweni yomuntu noma ngabe wukuthi izinto azihambi ngendlela abefisa ukuthi zihambe ngayo empilweni.
“Akumele kulo nyaka sikuvumele ukuthuswa yizinto ezenzekayo njengoba senzile kowedlule. Kumele abantu bavive, balindele noma yini engaphazamisa izinhlelo kulo nyaka. Kulabo abaphelelwa wumsebenzi, kumele uphele lo nyaka sebenalo icebo lokuthi imali yabo bazoyisebenzisa kanjani. Lokhu kuzokwenza ukuthi baqaphele ukuthi abayiququdi ngezinto ezingenamqondo neziholela ekutheni basale bemhlwempu ngokuhamba kwesikhathi uma isiphele yonke imali.”
Uqhube wathi abantu kumele bazisondeze ezinkampanini zokutshala imali bese begwema amabhanoyi ashabalala nezimali zabo uma esephahlazekile. Uthe njengoba isizwe sibhekene nesimo seCovid-19, kumele abantu bafunde ubumqoka bokwenza ucwaningo mayelana nezinto eziphathelene nemali ngaphambi kokuthi bathathe izinqumo zokuyisebenzisa.
Amathiphu ongakwazi ukuphila ngawo kulo nyaka ukuze ugweme ukhwantalala :
Yiba namacebo ongaphuma ngawo otakwini obhekene nalo uma izinhlelo obuzibekele zona zingaphumeleli
Gqugquzeleka ngaso sonke isikhathi ngamaphupho akho noma ngabe ubhekene nezinselelo ezingakanani
Qala ibhizinisi ongakwazi ukwenza ngalo imali ukuze ungabi nokhwantalala lokuswela imali noma ukuba nezikweletu
Yenza ucwaningo olunzulu uma ufuna ukugcina imali oyithole enkampanini obusebenza kuyo
Gwema ukudlala amabhanoyi ukuze ungazitholi ususenkingeni