ONGOTI bezempilo bathi umuthi okufuthwa ngawo amakhala okuthiwa uvikela iCovid-19 osetshenziswa kakhulu emazweni ase-Europe, ungaholela ekutheni igciwane libe yingozi.
Isikhungo esenza ucwaningo i-Africa Health Research Institute (AHRI) sixwayise ngokusetshenziswa kwalo muthi ofuthwa emakhaleni, okuthiwa uthengwa kakhulu emazweni ase-Europe, iViraleze, ngenhloso yokuthi ulwe negciwane.
Lesi sikhungo sithi umphakathi kumele ukugweme ukusebenzisa lo muthi ngoba okwamanje ukugoma kuseyikona kuphela okungasiza ekutheni igciwane lingamgulisi kakhulu ongenwe yilona.
Sithe inkinga lo muthi ukuthi njengoba ungewona umgomo abantu bangawuthenga balokhu bewusebenzisa bese bewusebenzisa ngokweqile okungaholela ekutheni ugcine ungasasebenzi.
I-AHRI yenze lesi sixwayiso kulandela ukuthi abezindaba basemazweni aphesheya bebike ngawo okuholele ekutheni abantu bawuthenge ubuthaphuthaphu.