UKUGOMELA umkhuhlane kubalulekile ukuze kugwenywe ukuthi kube nabantu abazogula kakhulu badinge ukuthi balaliswe ezibhedlela.
Inhlangano yezempilo emhlabeni, iWord Health Organisation (WHO), ithi u50% wabantu abaphathwa umkhuhlane kuleli baye badinge ukuthi balaliswe ezibhedlela ngoba baphathwa umkhuhlane onzima, ngakho kubalulekile ukuthi abantu bawugomele umkhuhlane.
Ukuhlasela kobhubhane iCovid-19, sekufake igcindezi ezikhungweni zezempilo, ngakho ukuze kugwenywe ukuthi kube nabantu abaningi abazodinga ukulaliswa ezibhedlela bephethwe umkhuhlane, kubalulekile ukuthi abantu bagomele umkhuhlane.
IWHO ithi babalewa ku-3 kuya ku5 million abantu abaphathwa umkhuhlane emhlabeni ngonyaka kubo u1.2 million abantu bakuleli.
Ithe yize kunemigomo ebekiwe yokuzama ukunqanda ukusabalala kweCovid-19 okungukuthi abantu kumele baqhelelane , bageze izandla banciphise nokuhamba behlangana nabantu leyo migomo ingasiza nakuwo umkhuhlane kodwa ithi akusho ukuthi ngeke abantu besaphathwa umkhuhlane uma belandele leyo migomo ngoba igciwane lomkhuhlane likhona emoyeni ngalesi sikhathi.
Usolwazi Lucille Blumberg weNational Institute for Communicable Diseases (NICD), emqingweni wezempilo okhuluma ngokuphathwa umkhuhlane kuleli, iSouth African Medical Journal (SAMJ), uthe amagciwane omkhuhlane kuleli ahlasela phakathi kukaMeyi noSepthemba.
Uthe umkhuhlane usabalala ngokushesha futhi uphatha bonke abantu kungakhathalekile ukuthi baneminyaka emingaki.
" Umkhuhlane ungaba mubi kakhulu kubantu abanezifo ezenza ukuthi amasosha abe ntekenteke ezifana neHIV, iTB, isifo sikashukela, isifo sezinso, esokungagayeki kahle kokudla nezinye," kugcizelela uSolwazi Blumberg.
Uthe abesifazane abakhulelwe nabantu abakhuluphele ngokweqile, izingane ezincane nabantu abadala kunamathuba amaningi okuthi bahlaselwe umkhuhlane futhi kubo ube nzima.
Uthe indlela esebenzayo yokuvika umkhuhlane ukuthi uwugomele yonke iminyaka
Uthe nakuba umkhuhlane uvgwemeka ngokugoma kodwa abantu abanamasosha antekenteke kungenzeka ukugoma kungabavikeli ngokuphelele kodwa umgomo uyabavikela ekutheni bagule kakhulu badinge ukuya ezibhedlela noma bashone.
" Ukugomela umkhuhlane kungasiza ekutheni kuvikelgwemeke isimo lapho izikhungo zezempilo zizoba nengcindezi ngenxa yeziguli eziningi ezinomkhuhlane nezineCovid-19. Okumele sikukhumbule ukuthi umgomo weCovid-19 awuwunqandi umkhuhlane, kanjalo nowomkhuhlane awuyinqandi iCovid-19,“ kusho yena.