ISIKHUNGO esibhekelele ukugunyazwa kwemithi yokwelapha, iSouth African Health Products Authority (SAHPRA) ,sithi umgomo weCovid-19 okhiqizwa abakwaPfizer uphephile abantu bakuleli abaqhubeke bagome ngawo.
Ngeledlule kuputshuke ulwazi okuthiwa belugcinwe yisikhungo esigunyaza imithi yokwelapha e-United States, iFood and Drug Admninistration (FDA) oluthi zingu-1 291 izifo ezingakuphatha ngemuva kokugoma ezidalwa yilo mgomo.
Lokhu kuthiwa kuvezwe ucwaningo obelwenziwa ngabantu abangu-7 million bakuleliya lizwe ababike ukuthi babe nokungaphatheki kahle ngemuva kokugoma ngalo mgomo.
Abezempilo bathe akuyona into abantu okumele ibakhathaze ngoba ukugula kuba yisikhashana futhi kwabaningi kuyaziphelela ngemuva kosuku begomile , bambalwa abagule kwaze kwafinyelela ekutheni baye ezibhedlela.
Isikhulu esiphezulu se-SAHPRA uDkt Boitumelo Semete-Makokotlela, sithe ulwazi abanalo ngalo mgomo alukhombisi ukuthi kunobungozi obukhulu ngawo, bathole ukuthi ukungaphatheki kahle okwenzayo kuncane yinto eziphelelayo kwabaningi.
“Ukungaphatheki kahle esikwaziyo okudalwa yilo mgomo akuyona into engaholela ekutheni impilo yomuntu ibe sengcupheni. Uma sibheka lokho kungaphatheki kahle sikuqhathanisa nokuthi lo mgomo ugwema ukuthi umuntu angashoni uma ethola iCovid-19, sibona ukuthi umgomo kusamele usetshenziswe," kusho uDkt Semete Makokotlela.
Uqhube wathi yonke imikhiqizo yezempilo ngaphambi kokuthi igunyazwe iyahlolwa ukuthi iphephile yini nokuthi abakhiqizi bayo bayilandelile yini imigomo ethile.
“Ukuphepha yinto yokuqala ebhekwayo emikhiqizweni yezempilo ngaphambi kokuthi igunyazwe. Uma singekho isiqiniseko sokuphepha leyo mithi ayiphasiswa. Abakhiqizi bemithi ngaphambi kokuthi umgomo ugunyazwe basinikeza lonke ulwazi ngomkhiqizo wabo kuhlanganisa nokuthi yini engase ibe wumxhantela mphumela kowusebenzisile,” kusho yena.