UMDLAVUZA wesikhumba uyabahlasela nabantu abanebala elimnyama yize ukuba nebala elikhanyayo kukwenza ukuthi ube sengcupheni yokuwuthola.
Ucwaningo olwenziwe yi-American Academy of Dermatology, luveza ukuthi u-25% wabantu abanebala elimnyama uma behlaselwe wumdlavuza wesikhumba ababonakali uma umdlavuza usasesigabeni esiphansi, baze babonakale usungene wagxila egazini, okwenza ukuthi abantu baningi bacabange ukuthi bona bayasinda kulolu hlobo lomdlavuza.
INational Cancer Institute ithi umdlavuza wesikhumba wenzeka ngokuthi kukhule ama-cells esikhumba ngendlela engafanele. Kuyenzeka lawo ma-cells ngesikhathi ekhula zingabikhona izigaxa ezibonakalayo okungaba yizimpawu zokuthi unalo mdlavuza.
Ama-cells akhula esikhumbeni adala umdlavuza owaziwa ngeBasal Cell Carcinoma, Squamous Cell, Carcinoma ne-Melanoma.
I-Melanoma iwona macells ajwayele ukubonakala kubantu abahlaselwe wumdlavuza wesikhumba. La ma-cells ajwayele ukukhula ezingxenyeni zomzimba ezingambozeki uma umuntu egqokile eziye zitholwe yilanga. Kuba ubuso, izindlebe, isifuba, izingalo, imilenze izindebe nesikhumba sasekhanda kodwa kuyenzeka akhule ezindaweni okungavamisile ukuthi zitholwe ilanga.
Izingxenye zomzimba i-Melanoma ejwayele ukuzihlasela ingaphakathi lezandla, izithende.Lokhu kujwayeleke ukubonakala nakubantu abanebala elimnyama.
UNGABONA KANJANI UKUTHI UHLASELWE I-MELANOMA?
– Lo mdlavuza ujwayele ukuhlasela abantu abaneminyaka ewu-30 kuya phansi, ikakhulukazi abantu besifazane.
– Ngokujwayelekile ubonakala ngokuthi kube namabala angamachashazi amnyama noma ansundu esikhumbeni.
– Ongoti besikhumba bathi nakuba ukuhlolwa ngongoti ukuthi awunawo yini umdlavuza, kungenye yezinto eziyingxenye yokuhlolwa okwenziwa njalo kodwa kubalulekile ukuthi nawe usibheke isikhumba sakho ukuthi asinalo yini ushintsho, okungaba ngamachashazi noma amabala angafani nesikhumba sakho.
– Uma kukhona okubonayo okuyichashazi elimnyama noma elinsundu obungenakho, kuphitshize uzwe ukuthi akuqinile yini
– Ukushintsha kombala wesikhumba
– Uma ubuvele unamachachazi bheka ukuthi awashintshi umbala wawo noma kube nokuqinile kuleyo ngxenye yesikhumba.
– Ukuvumbuka kwezinsumpa ekade ungenazo.
– Ukuba nemihuzuko kodwa ungazange ulimale
– Ukuba nezinyawo ezimnyama eziqinile ezithendeni naseduze kwezinzipho.
UNkk Murray Hewlett ongumphathi omkhulu wakwa-Affinity Health, uthe: "Ushintsho olubonayo esikhumbeni sakho akusho ukuthi seluchaza ukuthi unomdlavuza wesikhumba, udokotela wakho ozokuhlola ngemuva kokuthi umbikele ngoshintsho olubonayo. Uma esola ukuthi unomdlavuza wesikhumba uzokudlulisela kongoti besikhumba abazophinde bakuhlole futhi,"
–Uthe kubalulekile ukuthi usheshe usukume uma ubona ushintsho ukuze uma unomdlavuza usheshe utholakale, uqale ukwelashwa ungakagxili kakhulu.
Okunye athe abantu bazame ukukwenza ukuthi bangaphumeli elangeni phakathi kuka-10 ekuseni no-4 ntambama, ikakhulukazi ngezikhathi sasehlobo.
Uthe uma uzophumela elangeni kumele ugcobe ukhilimu ovikela ilanga ugqoke nezingubo ezivikela ilanga
Uma uzobhukuda gcoba ukhilimu ovikela isikhumba elangeni
Gwema ukuthamela ilanga olwandle ngoba kungalimaza isikhumba sakho Gwema ukuhamba nengane enezinyanga esithupha kuya phansi elangeni.
Zama ukubonana nodokotela wesikhumba okungenani kanye ngonyaka.