UMASIPALA weTheku uthe ushaqekile ngakubone edolobheni ePinetown ngesikhathi uhambele izindawo ezidayisa ukudla okuphekiwe ngoMsombuluko.
Ithimba elibhekele ukuhlanzeka kwemvelo liphume inqina liyohlola ngaphansi komkhankaso okuthiwa usazoqhubeka emadolobheni angaphansi kweTheku.
Ithimba ebelijutshwe kule ndawo lifike lathola ukuthi enye yezindawo ezidayisa iShwarma isebenza ngokungemthetho kanti nendawo abapheka baphinde badayisele kuyo ukudla ayikho ezingeni elivumelekile, futhi nemithetho yenhlanzeko abayilandeli njengoba kuphinde kwavela nokuthi badayisa ngaphandle kwemvume.
Izithombe ezifakwe ekhasini likamasipala leFacebook zishiye abantu benyanyile futhi bediniwe.
Ithimba lithe lithole ukuthi imithetho ayilandelwa, kanti nabasebenzi bathole ukuthi abanazo izimpahla zokusebenza ezifanele.
Kuphinde kwayohlolwa nendawo yabadayisi ekuStanfield Avenue khona kuleli dolobha.
Okhulumela umasipala weTheku uMnuz Msawakhe Mayisela uthe basazoqhubeka nale mikhankaso.
UMayisela uxwayise abamabhizinisi ikakhulukazi awokudla ukuthi abalandele imithetho.
"Umkhankaso ongenamukhawulo ngoba sinomsebenzi wokuthi wonke amabhizinisi kumele ahwebe ngokuhlonipha umthetho. Siyaziqhenya kakhulu ngomsebenzi omuhle amathimba ethu awenzayo," kusho uMayisela.