ONGOTI bezempilo baveza okwenza abesilisa bahluleke wukunqoba inkinga yomkhaba
Image: SITHUNYELWE
UKUNGAKHULULEKI nokuba nezinto eziningi ezikugqilazayo emqondweni kungaba ngesinye sezizathu ezenza ukuthi ube nenkinga yokungakwazi ukwehlisa isisu esikhulu, okwaziwa ngokuthi wumkhaba yi-cortisol belly ngesilungu.
Lokho kuvezwe ngabesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, bedalula nokuthi uma ukhwantalala seluyibambe kahle indoda, ngisho noma ngabe iphila impilo ecolekile futhi imandla nasekuzivocavoceni, kodwa kungaqhubeka kube yinkinga ukunqoba inkinga yomkhaba.
Iyini yona i-cortisol belly?
- I-Cortisol belly wukunqwabelana kwamafutha esisiwini ngenxa yokuba phezulu kwesilinganiso se-cortisol emzimbeni, okuyi-hormone yokhwantalala. Nakuba le hormone isiza ukulawula isilinganiso sokhwantalala nokugqilazeka komqodno womuntu, kodwa uma lokho sekungaphezu kwamandla futhi kulokhu kuqhubeka, kungenza ukuthi umzimba ugcine amafutha amaningi esiswini.
Nazi izimpawu ezingakhomba ukuthi unale nkinga:
Yikuphi ongakwenza ukulawula nokugwema le nkinga?
- Gxila ekudleni okunempilo nokungenawo amafutha amaningi - wehlise noma uyeke iziphuzo ezine-caffeine eningi, wuphuzo oludakayo nokudla okunoshukela okuningi.
- Khtha izindlela ezilula zokuzivocavoca okungaba wukuhamba nje ushaywe wumoya, ukubhukuda - kukho konke lokho ugweme ukuzixina.
- Phuza amanzi ngokwanele ukusiza ukubuyisa nokunika umzimba wakho amandla owadingayo.
Ukuba nempilo ecolekile kungaphezu kokudla okunempilo nokuzivocavoca kuphela, kepha kudinga nokuthi uthathe izinqumo ozicabangisisile ngempilo yakho. Ukulawula ukugqilazeka komqondo wakho nokucela usizo kungakusiza ukulawula impilo yakho ngendlela efanele.