Uma sifisa ukuphosa itshe esivivaneni sesisombululo ngesifi sonhlangothi, esidume nge-stroke, kumele siye ngqo eqinisweni, singazami ukulungiselela isimo abantu bakithi, bebe bebhubha mihla namalanga.
Umsebenzi uJehova angibusisa ngawo wenza ngibalwe nabaningi abasibonayo isifo lesi kaninginingi ukuthi sihlukumeza abafowethu nodadewethu, abazali bethu nabancane imbala. Engosini eyedlule, sikhulume kakhulu ngokwenzekayo uma ushaywa yi-stroke, lapho esingafikanga khona umsusa oyimbangela yawo unhlangothi wansondo!
Emuva kwengosi endulela lena ngihlangane nomfowethu ofike ngqo kimi wathi ufisa ukuphendula indawana ebengiyibhale kule ngosi lapho bengikhala ngokuthi abantu bakithi bayakushalazela ukuqala kithi odokotela abalapha ngokwasentshonalanga. Lapha bengikhala ngithi bafika kithi sebeqale ikakhulu kwabomdabu abelaphi, kwesinye isikhathi sebeshaywe ngesesibili nesesithathu i-stroke, isimo sesisibi ukwedlulela.
Umfowethu ubephethe iphepha elinale ngosi, lapho ebengigcizelela ukuthi lokhu kwenza kusibeke thina njengabantu abahlulekayo ukuselapha lesi sifo ngoba abaningi bagcina sebeshonela ezandleni zethu, okusishiya nopende othi uma uye kwabasentshonalanga uphethwe ngunhlangothi, ubuya ngebhokisi.
Engosini edlule, ngiye ngabuza ukuthi akusikho yini ukusidlala injenje kubelaphi bomdabu lokhu ngoba phela ufika kubo kusanda kwenzeka bese kuthi uma esegula kakhulu, bamkhuthaze ukuthi aye kwabasentshonalanga abelaphi. Iqiniso ukuthi bona bahlale besala bemsulwa kube imitholampilo, odokotela nezibhedlela abasala nencabhayi.
Umbuzo ubuthi abamgcini ngani ogulayo kuze kube sekugcineni? Umfowethu uyavumelana nami kodwa abefisa ukukuveza ukuthi, ngokwakhe yithina odokotela abafundiswe ngokwasentshonalanga ababhebhethekisa ukuthi abantu bakithi bangezi ngokushesha uma beshaywe inyoni ye-stroke, kodwa baqale kwabomdabu.
Ulandisa uthi phela thina sigxibha sihlakaze ukusebenza kwabomdabu odokotela bese besaba ukuthi uma bengaqala kithi ngeke sibavumele okanye ngeke sibakhuthaze ukuya kwabomdabu. Uthi ukwelapha komdabu sikubukela phansi kakhulu size sichizele noma yini eyenziwe ngabelaphi abangabanye.
Uze angenzele isibonelo sezinhlanga emzimbeni koshaywe i-stroke, uthi odokotela nabahlengikazi baze bakhombisane ngawe, uzizwe ugconeka ubukeleka phansi ikakhulu ngalokhu okusemzimbeni wakho. Umfowethu lona ungikhumbuze ukuthi ukwelapha kwasentshonalanga akuyona impendulo kuzo zonke izifo. Uphinde abuze ukuthi yini eyenza sibukele phansi abanye abelaphi?
Abelaphi bomdabu bayabahlonipha abasentshonalanga ekubeni thina singabahloniphi abomdabu. Ubuza kimi ukuthi uma kuzoba nzima ukuya kwabomdabu uma oshaywe uhlangothi ezoqala kowasentshonalanga angicabangi yini ukuthi lokhu kukhuthaza umuntu ohaqwe iy-stroke ukuthi aqale kwabomdabu bese elandelisa?
Ngivumile, ngamvumela kupende wabaningi abalolongwe ngokwasentshonalanga ababukela phansi ukwelapha kwakithi komdabu. Yebo, ngisivumile isibhaxu ngokuzithoba. Ekugcineni ngiye ngamqaphelisa ukuthi umuntu oshaywe wunhlangothi isikhathi esiningi usuke enamahlule egazini asuke edinga ukuhlakazwa ngokushesha ngaphambi kokuthi adale umonakalo odlula owokuqala, yingakho ngokubona kwami kubalulekile ukuza ngokushesha kulowo msizi wezempilo ozokwazi ukusiza kula mahlule asuke esegazini. Sehlukane naye kumnandi, saxhawulana kukuhle!
Ingqikithi yanamhlanje ithi asikhulume iqiniso, hheyi asiyeke ukuthenga amehlo abantu; iyini imbangela kanhlangothi? Uyini umsusa we-stroke?
Impendulo nansi: sekuhlanganiswe konke okuyimixhantela, imbangela ye-stroke ukudla. Hhayi bo, ikuphi lokhu kudla? Impendulo: ushukela. Ushukela? Yebo ushukela! Ushukela lona esiwufaka etiyeni abanye ekhofini unengxenye ewushevu ngokwedlulele, igama layo kuthiwa ngu-fructose. Ushevu uqobo lona.
Wenza amafutha esibindini adala ukuxhwala kwesibindi, isibindi sijiye siqinelane sibe phuzi, isibindi sidilingane sibe namafutha.
Lo shukelana ushintsha izinhlayiyana okuthiwa yi-insulin, zijiye ziphendukelane nomzimba.
I-fructose idala amaswayana emzimbeni agcina edale umfutho ophezulu egazini nobuhlungu emajoyintini bezinyawo namadolo ikakhulu.
Yona kanye le fructose esiyithola kushukela ivala ukusebenza kwengxenyana yomzimba okugcina ngokuthi ungazizwa ukuthi ususuthi, kulokhu kuthi yidla into engapheli. Yilesi sizathu esenza ukoma kungapheli uma uphuza lezi ezihlohlozayo iziphuzo.
Zingane zakwethu, ushukela wenza ube nesifo esibi okuthiwa yiMetabolic Syndrome. Lesi sifo siyabulala, sidala i-stroke, ukuhlaselwa yinhliziyo, isifo esigulisa umqondo, uvele ukhohlwe izinto zamanje okungaba amagama ezingane, kwabanye bakhumbula okwenzeka kudala, ukhinyabeze umzimba ukhathale ekuseni, ungakaze wenze lutho okungakubeka kuleso simo.
Ushukela ugaywa ngendlela efanayo notshwala, kuhluke ngokuthi kutshwala uyadakwa. Yingakho sibona izingane ezincane sezikhukhumalelwa isibindi, izisu zize zicwebezele sekuqhanse nemithambo, isifo esasaziwa njengesiphatha abantu abadala abanenkinga yophuzo kakhulu. Namhlanje sisibona ezinganeni ngenxa yezingane ezincane esizixhinxa ushukela onhlobonhlobo, amakhekhe, iziphuzo ezihlohlozayo, ama-chips afohlozayo, izinkukhu ezingolamthuthu. Izingane zidla ushevu zizincane.
Zonke lezi zindlela zokulimala komzimba zigcina zinomthelela ekuvimbeni igazi lingafinyeleli ezindaweni ezibalulekile okanye lidilingane, lenze amahlule kokunye kugqashuke imithanjana emincane yegazi bese liyopha ligxigxize ebuchosheni.
Yizindlela lezi eziholela kwisifo sohlangothi. Zonke lezi zindlela zokugula ushukela, nalowo osungaphezu kwezidingo zomzimba yiwona ongungqo-shishilizi ekudaleni nasekubhebhezeleni isifo sohlangothi.
Uma ufisa ukuvikela i-stroke kuyacaca ukuthi impendula ithi: Yeka ukudla ushukela, kuhlanganisa noju, iziphuzo ezihlohlozayo, amajusi nalawa okuthiwa ango-100%.
Uma ufisa ukwehlisa ukukhahlamezwa yi-stroke, impendulo ithi: Yeka ukudla ushukela nakho konke okunofulawa no-ice cream
Uma uthi welapha i-stroke kodwa usadla ushukela: usenga ezimithiyo
Uma uthi uzivikela kusifo sohlangothi kodwa usadla ushukela usabophela inja nogodo.
Sizwe sakithi asingazikhohlisi, manje sesinalo ulwazi. Masiwuvikele unhlangothi, singaziqhathanisi nosibanibani, abantu abasoze bafane. Uma uthanda ukuvikela istroke yeka ushukela. Uma ufisa induku yakho ihlale ivukelwa, inganciphi, ingaweli phakathi, ingasheshi ikhafule: yeka ushukela nakho konke okusondelene, nokufuze wona. Uma ungowesifazane ofisa ukuhlale eshisa ocansini, uhlale uhalela, uvukelwa, inanazi ingabi manzi kakhulu, yeka ushukela
Mpilonde!