UKWENYUKA kwezibalo zabantu abavakashela odokotela bekhiswa yisisu kukhomba ukuthi igciwane le-Covid-19 lisekhona emoyeni futhi liyakwazi ukudala inkinga yokukhishwa yisisu ezinye izimpawu zingabi khona.
UDkt Morgan Mkhatshwa, oyinhloko yokusebenza kwansukuzonke kwiBonitas Medical Fund, uthe uma kwehla izibalo zabahaqwa yi-Covid-19, kukhomba ukuthi umphakathi usufundile ukulandela imigomo yokunqanda ukusabalala kwaleli gciwane, wathi kodwa ukwanda kwabantu abahlushwa yisisu kukhomba ukuthi lisekhona.
Uthe okunye okubuye kufake ingcindezi yesisu ukuthi phakathi kukaNovemba noMeyi, amagciwane aholela ekutheni abantu baphathwe isisu asuke ekhona emoyeni.
UDkt Mkhatshwa uthe umkhuhlane wesisu ojwayelekile i-igastroenteritis ubonakala ngokuhlambuluka kwesisu, amajaqamba esiswini, ukuphalaza, ubuhlungu bekhanda, ukucanuzela kwenhliziyo nokomela amanzi.
Uthe lezi zimpawu zivela kumuntu phakathi kwamahora angu-24 kuya kwangu-72 ethole igciwane.
Uthe ngokujwayelekile lezi zimpawu ziyaphela ngemuva kwezinsuku ezintathu noma ezine, akujwayelekile ukuthi umuntu angazizwa kahle kuze kuphele isonto.
Uthe igciwane lesisu elijwayelekile nelingene ngokudla agulisana ngendlela efanayo.
Uthe ucwaningo ngeCovid-19 luveza ukuthi u-10% wabantu abadala abahaqwe yiCovid-19 bakhishwa yisisu, baphalaze okuhambisana nenkinga yokuphefumula, nokukhwehlela kodwa kwabanye kuyenzeka sihambe sodwa.
"Ngeshwa akulula ukwazi ukuthi isisu esikuphethe umsuka waso uyini, ngaphandle uma uzobuye ube nezimpawu ezifana nobuhlungu besifuba kanye nokungalizwa iphunga nobumnandi. Uma ube nalezo zimpawu kuba lula ukuhlukanisa," kusho yena
Uthe uma usola ukuthi izimpawu zesizu onazo kungenzeka ukuthi zisho ukuthi une-Covid-19, kumele ufonele udokotela wakho.
"Udokotela usuke ezokweluleka ngokuthi uyozihlola ukuthi awunayo yini iCovid-19, uma ebona ukuthi lezi zimpawu onazo zisondelene neCovid-19. Amagciwane athinta uhudo athelelana kalula ikakhulukazi emahoreni angu-72 okuqala, kubalulekile ukuthi uzinakekele," kusho yena.
Uthe ukusondelana nomuntu onawo ngokuthintana ngemilomo noma ukuthinta lapho kade ethinte khona kungaholela ekutheni nawe ulithole leli gciwane.