DKT BONGANI NXUMALO
Sisesikhathini sonyaka lapho imindeni nabathandanayo bezoba ndawonye, abanye bazohlangana emva kwesikhathi eside bagcinana. Abazukuhlangana nje kuphela kodwa bazoba ndawonye isikhathi eside uma uqhathanisa nezinye izikhathi.
Abantu besilisa ezindaweni ezehlukene baphansi phezulu bayazilolonga, bayazibhila ngezindlela ezehlukene, bazicijela ukuthi bafike babe 'yizikhokho' ekujabulisaneni ngokocansi ngalawa maholidi.
Izimo ezinjena azibhekene kuphela nabafowethu abasuke bengekho emakhaya isikhathi eside kodwa nalabo abahlale besemakhaya banenselelo efanayo.
Indaba yovuthondaba wutalagu abanye abaluzwa ngendaba, asebeluzame isikhathi eside kodwa lutho!
Kokunye sebaze bazitshela ukuthi mhlawumbe baloywa ngukhokhovu olwashona seluvaleke amehlo nomlomo.
Sake sachaza kule ngosi ukuthi uvuthondaba lufika njengomnkenenezo, kube sengathi kunokubanda eqolo nasemgogodleni, zonke izicubu zomzimba zivele zivume ngengoma eyodwa; uzizwe usuphimisela amazwi ongeke wazi ukuthi afike kanjani ezindebeni zomlomo kokunye uze umemeze uthi, ‘alibongwe igama leNkosi, wamuhle Jehova, Ameni!’
Umbuzo obalulekile uthi sifika kanjani kuvuthondaba? Yini eyenza abanye bafike kathathu emzuliswaneni owodwa ekubeni kukhona abaluzwa ngendaba akufikeki mpela mpela.
Impendulo yale mibuzo ilele ekukhumbuleni ukuthi ucansi akusiyena ungena uyaphuma sengathi uxova udaka ngezinyawo.
Ucansi akusikhona ukujaha omunye ngomunwe, umvalele ekhoneni umuntu wabantu, ugcine ufake amagciwane esithweni sakhe sangasese.
Angikhohlwa ukugcizelela ukuthi ucansi akusikhona ukuhlasela amabele, upheke izingono ngebhodwe lendlala ngoba wezwa kuthiwa ungabowakhohlwa amabele.
Ucansi ngukulungisana ngendlela efanele, kusukela engxoxweni yamehlo, ezandleni ezifukamele inkulumo, kuze kuyofika ekudlaliseni ubulili.
Fikani ekwabelaneni ngobulili ngokungqongqoza kancane kancane!
Lokhu akudingi halakasha lwenduku, kuphela ulwazi lokuthi uthi qo qo kuphi bese ulandelisa kuphi?
Uyabona umuntu owazi ukungqongqoza ngendlela ehlelekile ngeke umkhohlwe empilweni yakho!
Akuyi nhlobo ngokuthi uphethe umshiza nohalakasha lwenduku, akungeni ndawo lokhu.
Uyazi nawe ukuthi uma usondela enkosini uyagaqa uhlonipha.
Nakhona uma nizijabulisa awuvele ufuhleleke nje ungene kepha ungena uhlonipha, ushaye indesheni ukuze ungene kamnandi nithokoze nobabili.
Ngaso sonke isikhathi kumele ukhumbule ukuthi kubalulekile ukuthi nobabili nomlingani wakho kumele nijabule, makungajabuli wena wedwa.
Uma wenze njalo, uyozwa ngemikhemezelo nemisinjwana yokuzwakalisa ubumnandi ezobe ifakazela ukuthi umsebenzi ushaya khona nakuwe sekunzima ukuqinisela.
Ngena kahle nje unyakazise igumbi laseNtshonalanga, Nyakatho, Ningizimu neMpumalanga ulokhu uwaphindaphinda amagumbi.
Uma uzimisele ngokuthola unqambothi lovuthondaba zifundise ukulalela umlingani wakho yikhona uzokuzwa uma uthinta lapho kumnandi khona kakhulu noma uma uthinta ngendlela ewunqambothi.
Uyozwa izwi elithi ‘Uyesabeka Ongabonwayo!
Khumbula ungaxhamazeli, thatha isikhathi sakho, landela isigqi somlingani wakho ahamba ngaso, nithokoze nobabili.
Ngalesi sikhathi uzithinta ngenduku yakho lezi zindawana, izandla zakho zona zilumbanisa imizwa esezihlathini, ekhanda, emabeleni, entanyeni, ucumbaza izindlebe, amazwi amtoti emlonyeni!
Nakanjani uyozwa senikhuluma izilimi, nozwakala nobabili senithi, ‘ngiyabonga akukaze kubenje’….. qathatha senifikile kuvuthondaba!
Tshela mina iliphi-ke iqhaza lohalakasha kabhomubhomu wenduku la?
Mpilonde!!