NJENGOBA isiwombe sesithathu seCovid-19 sihlasele kuleli odokotela bayanxusa ukuthi iziguli ezidla imithi yokulawula izifo ezingamahlalakhona ziyidle ngendlela efanele ukuze kunciphe amathuba okuthola lesi sifo.
UNkk Joy Steenkamp owusokhemisi eMedipost Pharmacy, uthe isiwombe sesithathi seCovid- 19 siqhutshwa ukusabalala kakhulu kwegciwane eselizishintshile iDelta .Iziguli ezinezifo ezingamahlalakhona uthe kumele ziqaphele ukuthi ziyidla ngendlela imithi yokuzilawula ukuze kunciphe amathuba okuthi zingenwe yileli gciwane.
" Inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), leli gciwane ilichaza njengelisabalala kakhulu kunawo wonke akhona emhlabeni. Abantu abanezifo ezingamahlalakhona kunamathuba amaningi okuthi bathole leli gciwane ngenxa yokuthi amasosha abo omzimba asuke entekenteke, kubalulekile ukuthi umuntu onemithi ayidlayo ayidle ngendlela ukuze bangabi sengcupheni," kusho yena.
Uthe kubalulekile ukuthi iziguli zisebenzise izinhlelo ezikhona zokuhanjiswa kwemithi emakhaya zingalokhu zidinga ukuthi ziyolanda imithi emitholampilo noma emakhemisi.
Kukholakala ukuthi u-97% wabantu abahaqwe yiCovid-19 kuleli bangenwe yiDelta.
“Okunye okubalulekile ukuthi abantu asebegomile bazi ukuthi nabo isengabangena iCovid-19 futhi bakwazi ukuyidlulisela kwabanye abantu. Bona mancane amathuba okuthi leli gciwane libagulise kakhulu njengoba sebegomile. Kubalulekile ukuthi abantu noma sebegomile bayilandele imigomo bagweme ukuhlangana nabantu uma singekho isidingo. Ukuthunyelelwa imithi yakho ekhaya kungenye yezinto ezingakusiza ukuze ungahlangani nabantu okukunciphisela amathuba okuthola leli gciwane. Uma uke wahlangana nomuntu onaleli gciwane kusabalulekile ukuthi ugonqe izinsuku eziyishumi" kusho yena.
Uqhube wathi kuwumsebenzi wesiguli ukuthi silandele indlela eyiyo yokudla imithi yaso. Usokhemisi kumele asichazele isiguli ngolimi esiluqondayo ukuze kungabi khona inkinga," kusho yena.
UNkk Rentia Myburgh naye weMedipost Pharmacy, uthe njengamanje kungakuhle ukuthi ugweme ukuya ekhemisi ngenxa yokuthi uzohlangana nabantu, kodwa ikhemisi kubalulekile ukuthi lihlele ukuthi ufonelwe umuntu okhuluma ulimi lwesiguli ukuze sizwe kahle konke esichazelwa kona ngemithi.
" Uma lokho kungeke kwenzeke isiguli kumele siye ekhemisi noma esikhungweni sezempilo lapho silanda khona imithi bese silandela imigomo yokuqhelelana ngesikhathi sichazelwa," kusho yena.