KWETHULWE uhlelo lokutshalwa kwemithi yokwelapha ngokwesintu eMadlangeni, eNewcastle, ngeledlule ukuqhakambisa amakhambi esintu ase-Afrika.
USomlomo kuMasipala waseMajuba, uNksz Phumzile Mgcina, uthe bebephendula nenhlabamkhosi kaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, yokuthi bangashiywa ngaphandle abelaphi bendabuko ngesikhathi ethula uhlelo lwezolimo.
Emikhandlwini ewu-11 yaKwaZulu-Natal, iMajuba – esanda kuthola indawo okuzotshalwa kuyo – iyona kuphela esinohlelo olucacile lokutshalwa kwemithi yesintu.
“Inkosi yesizwe uSphamandla Khumalo, usisikele endaweni yakhe lapho kuzotshalwa khona imithi. Sithole indawo ewu-15 hectares ezosiza abelaphi bendabuko ukutshala imithi engasatholakali kwezinye izindawo. Kuyo kuzotshalwa izihlahla ezidingekayo futhi izolawulwa ngabelaphi bendabuko okuyibona abayaziyo imithi edingekayo nabezemvelo abavikela ukucekelwa phansi kwezihlahla. Ngokwezinhlelo esinazo imithi ezotshalwa khona izosetshenziswa ukuthi kuthakwe imithi ezohlolwa ngokusezingeni lezempilo ukuze ingagulisi abantu uma belashwa ngayo. Sifuna nokuthi imithi yabo ikwazi ukusebenziseka ezingeni lomhlaba. Lolu hlelo aluzogcina ngokusiza abelaphi bendabuko kodwa luzovula namathuba omsebenzi,” kusho uNksz Mgcina.
Uhlelo lwenganyelwe ngokubambisana phakathi kukamasipala, noMnyango wezeMvelo, uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, owezokuThuthukiswa koMnotho, owezoLimo, i-University of KwaZulu-Natal (UKZN) ebimelwe nguSolwazi Nceba Gqaleni nesigungu sabelaphi bendabuko.
USihlalo wesigungu sabelaphi bendabuko eMajuba, uDkt David Shabalala, uthe uhlelo luzobasiza ukuthi umsebenzi wokwelapha ungabukeleki phansi.
“Sifuna ukuthi abantu bangabi namahloni okusebenzisa imithi yesintu. Indlela ezobukeka ngayo uma isithakiwe izokwenza uhlonipheke umsebenzi wabelaphi bendabuko. Sifuna nokuqinisekisa abantu ukuthi izicubu zabantu azingeni emithini yokwelapha kodwa umuntu osebenzisa izicubu zomuntu, akayona inyanga ungumthakathi,” kusho uDkt Shabalala.
Uthe bafuna ishintshe indlela imithi yesintu ebukwa ngayo e-Afrika. IMajuba kuseyiyo kuphela egxile enohlelo olwaphasiswa wuhulumeni eminyakeni edlule.