UGWAYI oxutshwe nokusamanzi okuthiwa usiza abafuna ukuyeka ukubhema obizwa nge-eletronic cigarette (e-cigaratte ) kawusizi ekutheni uyeke ugwayi ojwayelekile kanti futhi uyabiza.
I-electronic cigarette kuthiwa iyindlela esetshenziswa ngabakhiqizi ukuze bahehe intsha ukuze ingene ithi shi ekuyisebenziseni.
Ngakho kumele kube nendlela yokulawula ukusetshenziswa kwayo ngokuthi umthetho sivivinyo, iControl of Tobacco and Electronic Delivery System Bill ka-2018, wenziwe ube ngumthetho olawula ukusetshenziswa kwayo.
USolwazi Olalekan Ayo wophiko lwesayensi ethinta ezempilo eNyuvesi iSefako Makgatho, uthe ucwaningo olwenziwe iHealth 24 ngo-2018 olubheka iminxa eminingi nge-e-cigarette, lukhomba ukuthi abantu abasebenzisa lolu hlobo lukagwayi olubhenywa ngokumunca isisi sikagwayi esiphuma sesinephunga lejusi, abayeki ukubhema.
Uma kwenzekile bayeka kuba isikhashana kodwa babuye babuyele ekubhemeni ugwayi ojwayelekile.
"Esikutholile ngesikhathi senza ucwaningo ukuthi ngesikhathi lufika lolu hlobo lukagwayi, abakhiqizi bathi luwumuthi osiza ekutheni abafuna ukuyeka ugwayi bayeke kalula kodwa lokho akulona iqiniso ngoba lokho akwenzeki kwasebeke bawusebenzisa. Abantu abaningi abake bawusebenzisa uma kwenzekile bayeka ugwayi babuye babuyele kuwo futhi ngemuva kwesikhashana bewuyekile. Abanye kuvela ukuthi bakusebenzisa kokubili ngesikhathi esisodwa, uma besendaweni engakuvumeli ukuthi babheme ugwayi ojwayelekile babhema i-e cigarette. Uma besendaweni abakwaziyo ukubhema ugwayi ojwayelekile babheme wona," kusho yena.
Uqhube wathi ucwaningo luveza ukuthi abantu ababuye babuyele ekubhemeni ugwayi bangu-60%.
U-17% ukusebenzisa kanye kanye.
"Kubukeka sengathi abakhiqizi balo gwayi bahlose ukuheha abantu abasha ukuze bangene kuwo ngoba wona awulawulwa, ayikho intela abayikhokhayo. Zingu-240 izitolo ezidayisa ama-e cigarette kuleli. U-40% wazo uqhele ngamakhilomitha angu-10 ezikhungweni zemfundo ephakeme, u-65% wazo uqhele ezikhungweni ngamakhilomitha angu-20," kusho yena.
USolwazi Israel Agaku ongumcwaningi oke abhale imiqingo yezempilo ngalolu hlobo lukagwayi, uthe abakhiqizi be-e cigarette baye bathi ushibhile uma uqhathaniswa nogwayi ojwayelekile.
"Ucwaningo olwenziwe ngo-2018, luveza ukuthi umuntu obhema zonke izinsuku ongabhemi ngokweqinile ubhema amabhokisi kagwayi angu-219 ngonyaka. Ngaleso sikhathi ibhokisi likagwayi elilodwa belibiza uR30.94c, okusho ukuthi ngonyaka usebenzisa uR4 387 kanti i-e cigarette isebenzisa izinto eziningi. Kuzo kuhlanganisa amalahle (batteries) ashintshwayo, ijusi engu-100 ml kuya ku-200 ml ngesonto, nokunye okwenza ukuthi kuphume okusantuthu nakho okushintshwayo, konke lokho kwenza ithuluzi elilodwa elibhenywayo," kusho yena.
Uqhube wathi umuntu obhemayo njengamanje usebenzisa uR6 933 ngonyaka kanti osebenzisa i-e cigarette usebenzisa uR8 781 kuya kuR19 781.
UNkk Zanele Mthembu weSmoking Free Org, uthe ulwazi abaluthole kososayensi luzobasiza ekutheni balwele ukuthi lo gwayi ulawulwe ngoba njengamanje kunabathi bawusebenzisa noma ikanjani ngoba bezitshela ukuthi uyelapha futhi ushibhile.