INHLANGANO yakuleli engenzi nzuzo iCheck Know Prevent (CKP) isungule ibhodisi onemininingwane efundisa abesifazane ngokuthi bazihlola kanjani umdlavuza webele.
Lolu hlobo lukabhodisi olunendwangu ethambile ngaphakathi lulungele ukugqokwa abesifazane abaphuma ukuyohlinzwa futhi nabazivocavocayo bangawugqoka ngoba wakhiwe wakwazi ukubamba kahle inyama ngaphansi kwamakhwapha kodwa ungashiyi omaka nezibazi ezimbi emzimbeni.
UNkk Jenny De Oliveira, umsunguli wale nhlangano, uthe lolu hlobo lukabhodisi lunombhalo ngaphakathi okhumbuza abesifazane ukuthi kubaluleke kangakanani ukuthi ugqoke ubhodisi okulingana kahle ongakumpintshi nokuthi uzihlole njalo ukuthi awunazo yini izimpawu zomdlavuza webele obulala abesifazane abaningi emhlabeni.
" Ulwazi olukhona luveza ukuthi abantu abaningi okuye kutholakale ukuthi banomdlavuza bafika ezikhungweni zezempilo umdlavuza ususabalele, ngibone ukuthi uma umyalezo wokuthi uzihlola kanjani ungabhalwa kubhodisi okuyinto abesifazane abaningi abayigqokayo sizokwazi nathi ukuphonsa esivivaneni sokulwa nalesi sifo," kusho yena.
Umqingo okubhalwa kuwo ukuthi bangakanani abahlaselwa ilesi sifo iNational Cancer Registry yakuleli ka-2017 uveza ukuthi kubantu besifazane abangu-26 oyedwa usengcupheni yokuhlaselwa umdlavuza webele.
Olunye ulwazi olukhona ngalesi sifo ukuthi u70% weziguli ezinomdlavuza webele wasizwa ukuhlale uzithinta ibele ukuze uthole ukuthi kunokuthile okungajwayelekile ebeleni, uma sekuhlolwa kwatholakala ukuthi unomdlavuza webele.
Ngokwalo mqingo uma kutholwe ukuthi unalo mdlavuza usasesigabeni 0 amathuba okuthi welapheke angu-100%.
Le nhlangano ithe ngenxa yalolu lwazi olutholakala kwiNational Cancer Registry ibone kukuhle ukuthi yenze ubhodisi obhalwe ukuthi uzihlola kanjani nokuthi uya esikhungweni sezempilo uma uthe uyathinta wezwani ebeleni.
Ithi ikwenza lokhu ukuze kugwenywe ukushona kwabantu besifazane obekungamele bashone ngenxa yokuthi bafike ezikhungweni zezempilo umdlavuza ususabalele kakhulu egazini.
“Sithole ukuthi kukhona abantu besifazane abangenalo ulwazi lokuthi bangazihlola kanjani ukuthi abanawo yini umdlavuza. Sabe sesibona ukuthi kule nyanga okungeyokuqwashisa ngomdlavuza webele, asenze ubhodisi ozofundisa ngezinto ezibalulekile, ukuthi kumele ugqoke ubhodisi okulinganayo nokuthi uzihlola kanjani ngokuzithinta wena ibele ekhaya," kusho i-website yale nhlangano.
Labo bhodisi badayiswa nge-internet kwi-website yale nhlangano, umunye ubiza uR399.
Le nhlangano ithe kobhodisi abahlanu abathengwe kule nyanga, imali yowodwa izonikela ngayo ngokuthi ithenge owodwa ozonikezwa umfundi ofunda uGrade-11 noma uGrade-12 owudingayo.