ZIYAQONGA izibalo zabahaqwa yiCovid-19 kuleli njengoba kuvele ukuthi ngosuku bangu-4 236 abangenwe yileli gciwane.
Uma kuqhathaniswa nangoLwesihlanu babe ngu-3 332, abatholakale benegciwane ngosuku olulodwa. Lokhu kukhomba ukuthi izibalo ziyenyuka zinsuku zonke kuleli zabatheleleka ngegciwane.
Ngokusho kukaNgqongqoshe wezeMpilo kuleli uDkt Zweli Mkhize, bangu-1 635 465 abakuleli abatholakale benegciwane. Abashonile ngenxa yegciwane ngoMgqibelo kutholakale ukuthi bangu-53, eGauteng babengu-27, Free State 17, babehlanu KwaZulu-Natal, kanti bathathu eWestern Cape 3, bese eba yedwa e-Eastern Cape.
Abekho okubikwe ukuthi bashonile eLimpopo, Mpumalanga, North West nase- Northern Cape. Lokhu kusho ukuthi abantu asebeshonile kuleli bangu-55 802. Abasindile bangu:1 539 395, okusho ukuthi bami ku:94.2%. Abantu asebehloliwe selokhu kwabheduka igciwane bangu: 11 354 930.
Khonamanjalo ucwaningo olwenziwe i-African Covid-19 Critical Care Outcomes Study (Acccos), luveza ukuthi emazweni angu-10 ase-Afrika, okubalwa nelakuleli siphezulu isibalo sabafayo ngenxa yaleli gciwane.
Lolu cwaningo olwenziwe kubantu abadala abangu-3 140, phakathi kukaMeyi noDisemba nyakenye, luveza ukuthi siphezulu isibalo sabafayo uma sebengeniswe emagunjini abagula kakhulu ngenxa yegciwane.
Luthole ukuthi uhhafu weziguli zishona ngaphandle kokunikekwa i-oxygen. Ucwaningo luthole nokuthi labo abanoshukela mancane kakhulu amathuba okusinda.