KUSUKELA ngonyaka ophelile ngilokhu ngiqaphela ukwenza kwezinso ezifweni ezehlukene, kuhlanganisa nobuhlungu obukubamba umzimba wonke kusukela onweleni kuya ozwaneni.
Kunesimo esibuhlungu engicabanga ukuthi baningi abafowethu abakwezempilo asebeke basiqaphele. Ngikhuluma ngokuyohlola ukusebenza kwazo izinso, uzithole zingenankinga ngokwegazi kodwa kuthi uma usuphinda uhlola igazi engakapheli amasonto ayisithupha, uthole imiphumela esikukhomba ngokushesha ithi izinso kazisasebenzi mpela, wena sekumele uhluzelwe igazi ngemishini, kungenjalo igade leli labaphilayo uzolishiya.
Yini le esiyenzekile kulesi sikhashana ugcine ukuhlolwa izinso ngokuthatha igazi? Kungabe ukuhlolwa ukusebenza komzimba ngokuthatha igazi kumele sikwethembe kangakanani, uma imiphumela inje? Akufanele yini abezempilo babukele ukusiqala kabusha isimo?
Yimibuzo lena okufanele abezempilo futhi nawe uyisiguli nizibuze yona, ifuna izimpendulo ezineqiniso ngokuphelele.
Evikini elidlule isiguli esisesincane esingakafiki naseminyakeni engu-40 sibe nesimo esifuze lesi. Uhlolile izinso ngokuthathwa igazi liyoxilongwa esikhungweni esiqondene – imiphumela yaba mihle kakhulu. Kodwa kuthe sekubhekwa izinso ezinyangeni ezingafikile kwezimbili, imiphumela ibisithi azisasebenzi mpelampela izinso.
Ubesevuvukele emzimbeni, esephalaza, ephelelwa ngamandla, isimo sesisibi kakhulu. Kwathi sekubhekwa isimo sokusebenza kwezinso, kwatholwa isibalo esikhombisa ukuhluza kwazo sekusesihlanwini kuphela. Yimiphumela eshaqisayo lena: ngabe kwenzekani? Isiguli sidle ushevu? Noma kuguquke imishanguzo yavele yangazwana nomzimba waso, mhlawumbe amasosha omzimba avele aphendukele umzimba aqobaqobe izinso?
Izinso zinemisebenzi emibili ehamba phambili: ukubhalansa okusamaswayi egazini nasemizimbeni yethu, okugcina umzimba uhlanzekile ngokukhuculula udoti ukhishelwe ngaphandle. Ukudembesela noma ukufeyila kwezinso kuholela ekutheni umzimba uqoqelane udoti uze ube yinqwatshana. Ukunqwabelana kwalezi zinqwatshana kuholele ebuhlungwini bendawana leyo ethintekayo emzimbeni.
Amaqoqwana ngamaqoqo emzimbeni agcina esedale ubuhlungu kuleyo ndawo ethintekayo. Izinga lobuhlungu lincika ekuthini likuyiphi indawo iqoqo futhi lisondelene naziphi izindawo. Isibonelo: uma iqoqo lokusadoti lizoba seduze nemizwa ethile, ubuhlungu buzokwanda bube bukhulu kuye nangokuthi ubuyini umsebenzi wesicubu nomuzwa loyo; wena usuyozwa ngokunkenketha obungakuvusa ngisho ucambalele.
Lezi zinhlungu ziyakwazi ukunombela edolweni, ziliqaqele idolo emacaleni amabili, ubuhlungu bujule buye phakathi nedolo nangemuva emfasankomo, emahlombe ikakhulu lapho kuhlangana khona amathambo lawa enza ihlombe, ubuhlungu obuba sesiphangeni ezansi nasenhla naso, izinhlungu eziba sezigabeni ezahlukene zentamo. Kokunye zigcina sezenze ikhanda namehlo kube buhlungu, ubuhlungu obukubamba phakathi nengxenye engenhla yengalo buzwakale buzikile ngokushona nezicubu. Kokunye buze bufike endololwaneni, iminwe nayo ayisali kulezi zinhlungu kwabanye kuze kube nokuvuvuka okuqinile kuyo uqobo.
Asikwazi ukukhohlwa yiminjunju eba semvilaphini uma izinso sezibheda. Abantu asebake bahlelwa yilobu buhlungu bayokuxoxela ukuthi kuba nzima nokuma kodwa lokhu. Ngalesi sizathu kunabantu asebehamba ngenqola yokukhubazeka ngenxa yalobu buhlungu. Baningi abantu abakhala ngobuhlungu ezithweni kuze kuyofika ngaphezu kwezinyawo. Ubuhlungu bezitho abubekezeleleki, abanye behluleka nokunyathela.
Empeleni izinso zenza umzimba ikakhulu izicubu kuhlanganisa nemisipha kube nenkwantshu, amajaqamba, ubuhlungu obugwazayo nobunkenkethayo umzimba uvele ukhathale kulezo zinhlungu.
Okukhulu wukuthi uma sewunezinso eseziqhuga, kumele uzelaphe ngokushesha. Abantu bakithi kulapho abafeyila khona; ekusukumeleni ukwelapha.
Mangikubeke ngingakuhloniphisi ukuthi uma unquma ukungazelaphi izinso, okuzolandela wukuvuvukala, ukhathale, uphalaze, uphelelwe yigazi, umzimba ushintshe ibala ugqunqe, uhlale ukhathele; ugcine ngokuwushiya umhlaba omagade.
Kuyazicacela ukuthi isifo umhlume sizobhebhetheka siye phambili uma izinso zingasasebenzi seziqhuga. Masingazibuzi ukuthi yini indaba induku yakho iwe kangaka, ingafuni ukuvuka, inciphe kunezinye, isheshe kangaka ukudedela: impendulo isekutheni umhlume okumuntu onezinso eseziqhuga isimo sokugula sidlondlobala kakhulu, kuthathe isikhathi eside ukuselapha.
Masizisukumele izinso, ziyingozi, asizelaphe.
Mpilonde