BABALELWA ku-4 million abantu abadala bakuleli abanesifo sikashukela kuleli ngokwezibalo ezintsha ezikhishwe yi-International Diabetes Federation (IDF) ngeSonto ngengoba kuwusuku lokuqwashisa ngesifo sikashukela emhlabeni, iWorld Diabetes Day.
Ngokwalesi sibalo kusho ukuthi kubantu abadala abayisishiyagalolunye oyedwa unesifo sikashukela.
Okushayisa ngovalo ngalezi zibalo ukuthi kuthiwa uhhafu walabo bantu awazi ukuthi uphila nalesi sifo. Lezi zibalo ziphinde ziveze ukuthi kubantu abathathu bakuleli oyedwa kunamathuba amaningi okuthi angenwe u-type2 ngoba iiglucose egazini lakhe ayikho esimeni okumele ngabe ikuso okubabeka engcupheni yalesi sifo.
Ngokwezibalo ze-IDF bangu-537 million abantu abadala abaphila nalesi sifo emhlabeni wonke, okusho ukuthi isibalo sabanalesi sifo senyuke ngo-16% (74) uma siqhathaniswa nezibalo zayo ezikhiphe ngo-2019.
Lezi zibalo zakamuva zikhomba ukuthi iNingizumu Afrika ihamba phambili uma iqhathaniswa namanye amazwe ase- e-Afrika ngokwanda kwalesi sifo njengoba lezi zibalo zikhomba ukuthi izinga lokwanda kwalesi sifo kuleli lingu- 11.3% .
Lesi sifo silawulwa ngomjovo owaziwa nge-insulin kanti kulo nyaka kuphela iminyaka engu-100 wasungulwa lo mjovo.Akhona namaphilisi aphuzwa abantu abanaso.
Ngokwalolu cwaningo izizathu ezenza ukuthi senyuke isibalo sabahlaselwa isifo sikashukela kuleli, ukufudukela emadolobheni kwabantu abaningi, ukungazivocavoci noma ukwenza imisebenzi enyakazisa umzimba kubantu okuholela ekutheni bakhuluphale ngokweqile okubabeka engcupheni yokungenwa yilesi sifo.
UDkt Patrick Ngassa Piotie obekhuluma ngesikhathi kunengqungquthela yeSouth African Diabetes Summit yokuqala, ebihlelwe iNyuvesi yasePretoria, ngempelasonto uthe isifo sikashukela singesinye sezifo ezingamahlalakhona esibeka abantu engcupheni yokuthi bashone uma behlaselwa yiCovid-19.
“Sithathe inqumo sokuthi kube khona esikwenzayo ngale nkinga esiyibona ikhula kuleli. INingizimu Afrika ayikulungele ukubhekana nenselelo yesinye isifo esingalawuleki njengoba kwenzekile ngesikhathi kufika iCovid-19 kuleli, kusho uDkt Piotie.
Inhlangano yezeMpilo emhlabeni, iWorld Health Organisation(WHO) ithi ukwanda kwalesi sifo kudalwa ukufudukela emadolobheni kwabantu abaningi okuholela ekutheni bashintshe ukudla abebekudla besahlala emakhaya. NgokweWHO uma abantu sebefudukele emadolobheni badla ukudla okubakhuluphalisayo bese beba sengcupheni yokungenwa yizifo kuzo okubalwa nesifo sikashukela.
Ungoti ohlonza aphinde elaphe izifo ezidalwa ukungasebenzi kahle kwama-hormones kuzo okubalwa nesifo sikashukela i- endocrinologist, uDkt Zane Stevens, uthe abantu abaningi bayavilapha ukuzivocavoca noma ukwenza imisebenzi eyenza ukuthi banyakazise umzimba, ngaphezu kwalokho baphuza iziphuzo ezihlohlozayo nokudla okunama-carbohydrates okwenza ukuthi impilo yabo ingabi yinhle.
Uthe bancoma ukuthi abantu badle ukudla okunamafutha amancane, okusanhlamvu, izithelo nemifino. Uma befaka amafutha ekudleni bafake amafutha angeke abadalele izifo njenge-olive oil, amakinati bagweme ukudla okugayiwe okwaziwa nge-processed food.
UPoiter uthe kule ngqungquthela bakhethe ukuthi kube khona abantu abanalesi sifo ukuze kube yibo abakhulumayo ngokuthi bazinakekela kanjani uma sebenalesi sifo wathi banethemba lokuthi lokho kuzobasiza ekutheni bacwaninge kabanzi ngaso.