UKUCINDEZELEKA komuntu wesilisa kunzima ngoba njengabantu besilisa sikhuliswa sitshelwa ukuthi indoda ifela ngaphakathi, kungagqugquzelwa ukukhuluma ngezinkinga. Le ndlela yokucabanga igcina isinomthelela ngisho umuntu esehleli ngokuhlukumezeka, ehlukunyezwa ekhaya noma ehlukunyezwa umuntu athandana naye.
Ngokwezibalo zabantu abashonayo minyaka yonke kuleli, kuvela ukuthi u-17% wabo basuke bezibulele. Ngokocwaningo lweWorld Health Organization (WHO) olushicilelwe ngo-2018 olusihloko sithi Preventing Suicide: A Resource For Pesticide Registrars and Regulators, kuvela ukuthi bangaphezulu kuka-800 000 abantu abazibulalayo ngonyaka. Lokhu kuchaza ukuthi ukuzibulala kwabantu kudlula izifo okubalwa kuzo umalaleveva nomdlavuza webele ngonyaka emhlabeni.
Lolu cwaningo nokho luqhuba lushiye isithombe esikhathazayo ngabantu besilisa baseNingizimu Afrika njengoba kuvela ukuthi kubantu abawu-6 476 abazibulala kuleli ngo-2016, abawu-5 138 kubo kwakungabesilsa.
Lezi zinombolo azisho ukuthi wonke umuntu wesilisa ohlukunyezwayo uyazibulala, kodwa zikubeka kucace ukuthi zikhona izinkinga nengcindezi ebhekene nabantu besilisa abadinga ukukhuluma ngazo.
Bephawula ngalolu daba abesilisa baveze ukuthi kunzima ukuphumela obala ngokuhlukunyezwa.
Abesilisa abasibhalelile bacele ukungadalulwa.
“Nami ngingomunye wabahlukunyezwayo kodwa angikaze ngiye emaphoyiseni, usizo alukho lapho bafika bathi hamba uyolungisa izinkinga zakho nomdeni wakho,” kusho lo wesilisa othe amaphoyisa kumele alusukumele ngendlela efanayo udaba lokuhlukunyezwa kowesilisa nolowesifazane.
Omunye okhulume neSolezwe uthe ubonga uNkulunkulu ngokuthi akazibulalanga.
“Ubengihlukumeza lo sisi engihlala naye ngimlobolile kwaphela umsebenzi nginaye wavele wangihlukumeza kakhulu ngaze ngacela ukumshiya. Manje usengihlukumeza ngengane noma ngimcela ukuthi ingane ayingangeni ezindabeni zethu.
“Njengoba kuvalwe izwe, uthathe imali yesondlo wanginika ingane ethi uzosheshe ayithathe yahlala kimi ingane emsebenzini sancishiselwa isikhathi sokusebenza nemali engiyiholayo yancipha. Ithe ingena imali zabamba izikweletu ngasala nemali encane bese ngiyicela imali kuyena ngimtshela ukuthi ngiyasindelwa.
“Uvele wangithuka wathi kungani ngifune imali kuye ekubeni ingane inami. Mangichaza ukuthi angiholanga imali ephelele wathi akahlangane nalokho,” kuchaza lo wesilisa.
Omunye uthe: “Ayi khona ngempela abantu besifazane bayawahlukumeza amadoda, uthando imali manje. Uma ungenayo umuntu uyaphinga athi ngizokwenzani ungenalutho, ayilungile leyo nto.”
Engxoxweni noMonwabisi Grootboom wohlelo olukhuluma ngempilo yabashadile kuMzansi Magic, uthe inkulu inkinga yokuhlukunyezwa kwabantu besilisa kodwa abaningi bayesaba ukukhuluma ngayo ngoba besaba ukuthi bangazidonsela amanzi ngomsele kubantu abafuna ukugxila kuphela odabeni lokuhlukunyezwa kwabesifazane.
Uthe ucwaningo lweWHO alushayi eceleni ngoba siphezulu isibalo sabantu besilisa abashadile abazibulalayo kulelo.
“Okwenza abantu besilisa bangakhulumi ngokuhlukumezeka kwabo yingoba isikhathi esiningi kusuke kungathinti ukubekwa isandla kodwa bahlukunyezwa ngokomphefumulo lapho othola khona sebebizwa ngamagama bedelelwa. Ngakolunye uhlangothi kunabesilisa abahlukunyezwa onina bezingane zabo, abangathandani nabo kodwa othola esehlukumezeka ngoba akakwazi ukukhokha imali yesondlo ekubeni engasebenzi naye.
“Abantu besilisa kuningi ukuhlukumezeka komphefumulo abadlula kukho,” kusho uGrootboom.
UMONWABISI Grootboom owathathwa enomkakhe uPhindile, uthi yinqwaba yabesilisa abahlukumezekile nasemishadweni kodwa abakhatha ukufela ngaphakathi
Uthe lokhu kuhlukumezeka yikho okudala ukuthi abanye babo bagcine izinto ngaphakathi.
“Ngiyaye ngibagqugquzele abesilisa ukuthi kungcono ukuthi uzikhiphe kulobo budlelwano uma uhlukunyezwa. Uma kuyingxabano yangaleso sikhathi ozithola usuhlukunyezwa ngamagama kuyo, kungcono uyinqamule kwehle imimoya.”