
Usolwazi owayesifundisa wayethanda ukuthi okumnandi ngokujulile kuvuthonda yilesi sikhashana esiyimizuzwana ngaphambi kokuthi uyothi chaphasha kuvuthondaba.
Wayethi uyabona ayikho into ongeke uyithembise.
Hheyi bafowethu, kubalulekile uma senizwa seniya khona ukungaxhamazeli uze ugeje isitebhu esiya khona; yiba yinono uziqhenye ngento yakho ngoba phela uyazi ukuthi ushukumisa kuphi nakuphi kanjani.
Angithi ufuna wonke umzimba uvume ingoma eyodwa ukuze kuthi lapho nifika khona kuzwakale ngo-amen onanelisa izihosha.
Pho sivumelani ukuthi kube nezithiyo ezenza singafiki entweni emnandi kangaka ewuvuthondaba?
Ngiyazi kukhona abantu bakithi abasha nabadala abangakaze baluthi mbibi uvuthondaba.
Kukhona abantu besifazane asebeze bahamba emhlabeni bengakaze bawazi lo mkenenezo!
Siyivumelani into ebuhlungu kangaka? Kukhona esebaze bavuma bazitshela ukuthi vele yinto engeke yenzeke kubo lena.
Yini sizovumela imicabango enjalo?
Okumele sikwenze wukubuza umbuzo othi yini eyenza singakwazi ukufikisana kuvuthondaba mina nomlingani wami? Yini sizovumela abesilisa bazitike ngovuthondaba, kuthi wena wesifazane ungaluthi mbibi?
Ake sibuke imbangela ephambili ezisivimba kuvuthondaba:
Owesilisa osheshe akhafule, ongakwazi ukuzibamba ngenxa yesifo umhlume.
Owesilisa ongazi ukuthi ukuze owesifazane afike kuvuthondaba kumele induku okanye lokho abakusebenzisayo kufakwe kuphi nakuphi futhi nkanjani.
Ngikhuluma ngowesilisa ongafuni ukutshelwa afundiswe, ovele abe ngu‘xumbu xumbu’; angakhohlwa yena eshaya into ephezulu, ecokeme.
Lokhu akuhlangene nomhlume, isifo kodwa kunokwenza nenkani yabantu besilisa, engingazi ukuthi batshelwa ngubani ukuthi bangochwepheshe bocansi ekubeni benolwazi olunhlakanhlaka.
Empeleni ngabantu besifazane abanolwazi oluvuthiwe lwajula ocansini kunabo.
Induku engaqini ithi ngqi, ngenxa yomhlume:
Umlingani wesifazane ongasenayo intshisekelo yocansi ngenxa kabhontshisi osuzinciphele, omizwa yakhe elapha ngasekuqaleni komgudu wesifazane esiphundulekile.
Kulesi simo lona wesifazane usuke esenza nje ucansi futhi sekunzima ukuthi afike kuvuthondaba.
Imbangela yalokhu kuphinde kube yiwo umhlume wansondo!
Ukuphunduleka kwamagumbi angasekuqaleni komgudu wesifazane ngenxa yokungafiki kwegazi elanele kule ndawo enemizwa ezwela kakhulu.
Asikhumbule lapha ukuthi enye yezindawo engasekuqaleni komgudu yilesi sivivanyana okuthiwa yiG spot.
Ngiyacela siphinde sikhumbuzane ukuthi iG spot yiyona ndawo okuthi uma ikitazwe kahle yinduku yowesilisa (okanye kungaba noma ngenikhetha ukuyisebenzisa endaweni yenduku), isikhathi esiningi umuntu wesifazane umuzwa esebubula o‘ngcwelengcwele’, ‘malibongwe’, akuthakazele, akubuke emehlweni omunye kube sengathi uyacimeza, umuzwe esevevezela, esehlanganisa amathanga, ubone nawe ukuthi seziyokweqa uMaliyethe, ziphokophele kuvothondaba.
Abesifazane abavula imilenze kakhulu, ungazi ukuthi ugengelezi ongaka ngowani?
Induku isiyozithola isiphakathi kule ndawo, izindonga okumele zithintwe yiyo sezikude le.
Owesimame owaziyo ukuthi wenzani, uvula imilenze ngesikhathi esifanele, aphinde ayibuyise njalo njalo.
Ingcindezi ebuchosheni, ukungazethembi kubamba iqhaza elikhulu kodwa asizukungena kukho namhlanje.
Kuyacaca uma ubuka ngenhla umhlume obamba iqhaza elikhulu ukufika kuvuthondaba, ikakhulu ukungafinyeleli kulo.
Lapha ngikhuluma ngobhontshisi onciphayo kwabesifazane, izindebe zangaphakathi nendawo esekuqaleni komgudu esizoshodelwa yigazi, induku engaqini, induku eshesha ikhafule, induku engavuki, induku ekushiya endleleni, induku enciphayo nomzimba ohlale ukhathele kungavumi nje amalungu wonke.
Sesikhulume kakhulu ngokudlule, sathi umhlume uyelapheka okumele sikwenze ukuya kodokotela bethu siyothola ukwelashwa.
Masikhumbule, sithe kumelwe kwelashwe imbangela, umsuka wawo umhlume; hhayi ukugijimela izimpawu isiphethu singaziwa.
* Masingavumeli umhlume usivimbe ekufikeni kuvuthondaba!
Mpilonde!