MANCANE amathuba okuthi iNingizimu Afrika ingakwazi ukufeza umgomo wenhlangano yezempilo emhlabeni iWorld Health Organisation (WHO), wokuthi u-70% womama bancelise izingane zabo ibele kuphela zize zibe nezinyanga eziyisithupha ngo-2030.
Ngo-2016 bebengu-32% omama abancelisa ibele kuphela izingane zabo zize zibe nezinyanga eziyisithupha.
UDkt Chantell Witten, wesikhungo esiqinisekisa ukuthi kunokudla okwenele i-DST/NRF Centre of Excellence for Food Security, e-University of Western Cape, ophinde abe ngomunye wabagqugquzela ukuthi omama bancelise ibele, uthe iNingizumu Afrika ayikakwazi ukwehlisa indlela omama abakhonze ngayo ubisi lwethini.
Uthe ucwaningo luveza ukuthi abakhiqizi bobisi lwethini babambe iqhaza ekuqeqeshweni nasekuthuthukisweni okuqhubekayo kobuchwepheshe bezempilo, babuye babe ngabaxhasi ezingqungqutheleni zezempilo babeke nezikhangiso ngemikhiqizo yabo.
"Kweminye imicimbi yomnyango bayakhuluma. Bafinyelela komama ngeziteshi zemisakazo. Amaqhinga okuthengisa abawasebenzisayo enza ukuthi ukuncelisa ibele kubukeke njengento enzima, amanye enza omama bangazethembi ukuthi imizimba yabo ingakwazi ukukhiqiza ubisi olwenele ingane, abanye bazenyeze ukuveza amabele uma bencelisa. Amaqhinga abo okudayisa amaningi asatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana okuyinto engalawulwa," kusho yena.
IWHO igqugquzela ukuthi izingane zinceliswe ibele kuphela kusukela zizelwe bese kuthi uma sezinezinyanga eziyisithupha ziqale ukudla okunye ukudla.
Ngokwe-Unicef (United Nations International Children’s Emergency Fund), izingane ezincela ibele kuphela zinamathuba aphindwe izikhathi ezingu-14 okuphila kahle zingaguli zize zibe nezinyanga eziyisithupha kunalezo ezinceliswa ubisi lwethini.
Le nhlangano ithe ukuncelisa ibele kunganikeza ukuvikeleka ezifweni eziningi zezingane ezifana nesifo sohudo, ukudla okungahambisani nomzimba (allergies), izinkinga zokuphathwa indlebe.
Okuqaphelekayo ukuthi olwethini lwamukeleka kakhulu eNingizimu Afrika nakuba lokho kudala ubunzima bezezimali emakhaya ahola kancane. Okunye okukhathazayo ukuthi kudingeka izinga eliphezulu lenhlanzeko uma ukhethe ukuncelisa ingane yakho ubisi lwethini. Kudingeka amanzi ahlanzekile agelezayo, amanzi abilayo okubulala amagciwane namabhodlela aphephile.
UNkk Maria van der Merwe, uMengameli wenhlangano yongoti bezokudla, i-Association for Dietetics in South Africa (ADSA), uthe: “Silwa nefa lokumaketha okwakungenamingcele, okuhlanganisa nokuphiwa komama ubisi lwezingane ezincane, olunye lunikezwe abasebenzi bezempilo ukuthi baluphe omama.
"Kusenemfundiso-ze abantu abaningi abayikholwayo yokuthi ukuncelisa ngebhodlela elithile kuyafana nokuncelisa ibele. Ayikho into enjalo ibele lingcono kakhulu. Esikudingayo ukuthi sifundise umphakathi kabanzi ngezimfundiso-ze," kusho uNkk van der Merwe.