ABANTU abanesifo sokushintsha kwebala lesikhumba abazalwe nalo libe ngelimhlophe, i-vitiligo kumele balamukele ngoba alikho ikhambi lokuselapha.
UDkt Fundile Nyathi weProactive Health Solutions, uthe iningi labantu abahlaselwa yilesi sifo bayehluleka ukusemukela, bagcine bephethwe wukhwantalala nengcindezi yomphefumulo kanti lesi sifo asiyona ingozi futhi ayikho indawo eba buhlungu uma sikuphethe.
Uthe lesi sifo sidalwa ukuthi amasosha omzimba akuma-cells akha ibala lesikhumba, i-pigmentation, avukelane wodwa alwe noma wukulimala kwesikhumba.
Uthe lokhu kuvukelana kudala ukuthi isikhumba sibe namabala amhlophe engxenyeni ethize okungaba yizingxenye zomzimba ezinendawo evulekile okuvame ukuthi kube umlomo, amakhala noma amehlo.
"Lesi sifo asifani ne-Albinism lapho umuntu uzalwa seyenzekile futhi yona yenzeka emzimbeni wonke. I-vitiligo ngokujwayelekile ivamise ukuvela kubantu abaneminyaka engaphansi kuka-30. Kwabanye iyavela kodwa ingasabalali kakhulu kodwa uma onayo eke waba nengcindezi yomphefumulo noma wukhwantalala iyasabalala kakhulu," kusho yena.
Uqhube wathi abukho ubuhlungu abantu abaphila nalesi sifo abanabo ngaphandle kokushintsha kwebala libe mhlophe. Uma kodwa ihlasele emehlweni, amehlo abo ayezwela elangeni kudingeke ukuthi bafake izibuko. Kudingeka futhi basebenzise ukhilimu ovikela ukuthi isikhumba singalinyazwa yilanga ngoba leyo ngxenye emhlophe iyalimala uma ishiswe yilanga.
"Abantu abaningi abanalesi sifo bavamise ukuphathwa yingcindezi yomphefumulo nokhwantalala ngoba bengemukeli isimo sabo kuze kube sengathi kukhona ubuhlungu abanabo kanti cha, sona uqobo isifo asibuhlungu," kusho yena.
Uqhube wathi ibala elimhlophe uma selenzekile awukho umuthi wokulibuyisela emuva noma into engenziwa wudokotela ukushintsha leso simo.
“Kwabanye kuyenzeka isikhumba sizibuyele sona ebaleni laso elidala kodwa odokotela bayazama ukunqanda ukuthi i-vitiligo isabalale emzimbeni," kusho yena.
"Odokotela okwamanje abazi ukuthi kungani ezinye iziguli ibala lazo libuye libuyele. Ososayensi emhlabeni basenza ucwaningo esinethemba lokuthi luzosinikeza izimpendulo," kusho uNyathi.
Okunye okuvelayo ngalesi sifo ukuthi kuyenzeka abazalanayo badluliselane sona ngofuzo.
"Lesi sifo akusona isifo esivamile. Bambalwa kakhulu abantu abanaso ngakho ngeke kwenzeke ukuthi babe baningi abasithole ngofuzo. Izwe elinabantu abaningi abanalesi sifo yi-India kodwa lokho akwenziwa ukuthi bawuhlanga oluthile. Kwenziwa ukuthi isikhumba sabo sinsundu ngakho siyashesha ukubonakala uma beqhathaniswa nabantu abanebala elimhlophe," kusho yena.