Impilo Yabantu Ezempilo

Okuhle okumele ukwazi ngewayini elibovu

Simangaliso Ntshangase|Published

ONGOTI bezempilo nezeluleko kwabakhonze iwayini elibomvu

Image: SITHUNYELWE

IWAYINI elibomvu ngesinye seziphuzo ezingamanzi amponjwana. Abanye abantu abasiphuza benzela ukuthi bayasithanda nje kepha bengenalo ulwazi lokuthi ngaphandle kokuzijabulisa ngaso, kukhona okuhle esikwenzayo emzimbeni uma usiphuza ngendlela efanele.

Lokho kushiwo ngabesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, ngenhloso yokucebisa labo bantu abasizwa ekhanda ukuthi nakuba kungafanele basinkonke ngelukuluku lokufuna ukuminya nokuba nswanswa kepha babe nakho emqondweni okuhle esingabenzela kona.

Nazi ezinye zezizathu zokuhle ongakungenzeka emzimbeni uma uphuza iwayini elibomvu:

ONGOTI bezempilo nezeluleko kwabakhonze iwayini elibomvu

Image: PEXELS

ONGOTI bezempilo nezeluleko kwabakhonze iwayini elibomvu

Image: PEXELS

  1. Licebe ngezinhlayiya ezivikela izakhi zomzimba: Iwayini elibomvu lihle ngokuthi linezinhlayiya ezinamandla ezisiza ukuvikela izakhi ezisemzimbeni womuntu oliphuzayo, nezisiza ngokukugcina uphilile uma uliphuza ngendlela efanele.
  2. Lingasiza ukwehlisa i-cholesterol emzimbeni: Ucwaningo lwabezempilo luveze ukuthi iwayini elibomvu lingasiza i-cholesterol emzimbeni, okusiza ukwehlisa isilinganiso samafutha, okwenza ukuthi ube nempilo ende, futhi ugweme nezifo zenhliziyo.
  3. Singenza ube nengqondo enempilo: Ukuphuza iwayini ngendlela efnale kuvela ukuthi kungenza ukuthi ingqondo isebenze ngendlela efanele futhi kwehliswe nobungozi bokuphathwa yizifo ezeyamene nokusebenza kwengqondo okungaba yi-azheimers ne-dementia. Kusiza nokuthi izakhi zengqondo zivikelekele, okusiza ukuthi zikwazi ukweseka ukusebenza kwengqondo.
  4. Kusiza ukugaya ukudla kahle: Iwayini elibomvu linesikhathi esibizwa nge-polyphenols elisiza ukuthi uma usuliphuzile kugayeke ukudla kahle emzimbeni, okwenza ungabi nezinkinga ezeyamene nokungagayeki kahle kokudla emzimbi wakho.
  5. Kwehla amathuba okuphathwa wumdlavuza: Ucwaningo lwabezempilo lukhombe ukuthi kunezakhi ezikhona ewayinini elibomvu, ezinye zazo ezingasiza ukunciphisa amathuba okuphathwa yizifo ezithize zomdlavuza. 
  6. Kuyakulekela ukuphila kade: Okunye okuhle ngewayini elibomvu uma uliphuza ngokuqaphela wukuthi lingakulekelela ukuthi uphile isikharhi eside, futhi kungabi wumqansa nje ukuphila ungabi nankinga emzimbeni nasegazini lakho.
  7. Kukhulula umzimba futhi kwehlise ukhwantalala: Igilasi yewayini elibomvu liyasiza ukukhulula umqondo, kwenze kunciphe noma kuphela ukugqilazeka okungaba khona emqondweni, okusiza ukugwema ukhwantalala. 
  8. Kwenza ulale ngokwanele: Ukushaya kancane ewayinini elibomvu kungasiz ngokuthi ukhululeke emqondweni, okungenza ukuthi ulale ngokwanele nangokufanele.

Nakuba iwayini lisiza egazini kodwa kuningi okumele ukuqaphele ngewayini elibomvu ngenxa yokuthi ukuliphuza ngokweqile kungaholela ezinkingeni okungaba wukuthikamezeka esibindini, wukukhululaphala nokuthi likulawule - ugcie ungasakwazi ukuphila ngaphandle kwalo.

Nakhu okumele ukuqaphel, ukugweme noma ukwenze uma uphuza iwayini elibomvu:

- Shaya igilasi eyodwa ngosuku uma ungowesifazane.

- Shaya amagilasi amabili ngosuku uma ungowesilisa.

- Khetha iwayini elibomvu elifanele nelingezukuba nabungozi kuwena.

- Ongoti bezempilo bathi iwayini elibomvu ongagxila kulona kungaba yi-cabernot sauvignon, i-pinot nooir, i-merlot ne-shiraz.