Umbuzo:
Ngingumuntu wesilisa oneminyaka engu-30. Kunosisi engithandana naye othe kancane ukukhula kimi ngeminyaka. Ngiyamthanda ngenhliziyo yami yonke. Inkinga ukuthi sigcina ngokukhuluma ezinkundleni zokuxhumana kuphela. Uma ngimshayela ucingo akayibambi iselula futhi akangishayeli ucingo. Akanaso isikhathi sami kodwa uma esho uthi uyangithanda. Manje mina sengiqala ukukhathazeka. Ingiphatha kabi le nto ngoba ngizama ngakho konke okusemandleni ami ukuthi eze kimi, ngisho ngabe imali anginayo kahle. Akhulume kabi ubona ukuthi uyenyanya. Ngiyamthanda futhi nemali ngiyamfakela uma nginayo, ngisho engazoza kimi. Manje iyangihlukumeza le nto yokungabonani kwethu futhi angifuni ukulahlekelwa nguye.
Impendulo:
Yebo, ngiyezwa impela uyamthanda kodwa into engikhathazayo ukuthi umthanda kanjani umuntu eningakaze nibonane naye kodwa omazela ezinkundleni zokuxhumana? Wazi kanjani noma umuntu okhona ngempela yini loyo? Isibindi nje sokufakela imali umuntu ongamazi nangamehlo, usithathaphi ngempela? Yini indaba, azikho yini izintombi ngakini noma usindwa yimali? Lo muntu ukucacisela ngokusobala ukuthi akakufuni futhi akazimisele ngokuza nokubonana nawe. Into nje ayifunayo ukuzidlela imali yakho, elokhu ekukhohlisa ngokuthi uyakuthanda.
Vuka emaqandeni, ushele umuntu ozokuthanda! akwazi nokuza kuwe uma umdinga.
Alukho uthando lweqiniso ongaluthola ezinkundleni zokuxhumana bhuti wami, ngaphandle-ke uma ufuna ukuzichithela isikhathi ngempilo yakho.