UKWENYUSELWA kwezwe ezigabeni zokuvalwa kwezwe eziphezulu yinto engeke igwemeke.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Zweli Mkhize, ucashunwe kweminye imithombo yezindaba ethi maningi amathuba okuthi lokhu kwenzeke njengoba zilokhu zikhula izibalo zabahaqwa yileli gciwane kuleli.
Ngeledlule izibalo zabahaqwe yileli gciwane zike zaba ngu-3000 ngosuku.
Uqhube wathi umkhandlu wongqongqoshe ababhekelele iCorona kuleli, iNational Command Council (NCC) eholwa uNgqongqoshe wezekuBusa ngokuBambisana, uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma, nezinhlaka ezithintekayo bazoba nomhlangano babonisane ngesinyathelo okumele sithathwe ukuze kunqandwe ukusabalala kweCovid-19.
"Uma izibalo zikhuphuka izigaba zokuvalwa kwezwe zizokwenyuswa, uma zehla kuzoxegiswa," kusho uDkt Mkhize.
Seziqalile neziphakamiso zokuthi uhulumeni ubheke ukuthi ngeke yini kumiswe ukudayiswa kotshwala nogwayi ngoba kunenkolelo yokuthi kunomthelela ekutheni abantu bathelelane ngaleli gciwane.
Imboni yabadayisa utshwala kuleli, iSouth African Liquor Brandowners Association (Salba), ne-Vinpro ithe uma uhulumeni engathatha isinqumo sokumisa ukudayisa utshwala futhi uzobe ebeka engcupheni imisebenzi engu-200 yabasebenza kule mboni.
UMnuz Sibani Mngadi, weSalba, uthe uhulumeni akakaze aziveze izizathu ezibambekayo zokuthi kungani evala ukuthi utshwala budayiswe, ababuthengayo babuphuzele emakhaya ngezimpelasonto.
Ngeledlule ikhabhinethi lelule isikhathi sokuthi leli lizwe lithathwe njengeliyinhlekelele okuzophela ngoJune 15.
UNdunankulu waseGauteng, uMnuz David Makhura, ngeledlule umemezele ukuthi sesingenile isivunguvungu sesithathu kulesi sifundazwe.
I-National Institute for Communicable Diseases (NICD) ngeledlule imemezele ukuthi iFree State ingesinye sezifundazwe isivunguvungu sesithathu esesifikile kuyo nakuba izinombolo zabahaqwa yileli zingakafinyeleli esibalweni esibekiwe esisho lokhu kodwa ukwenyuka kakhulu kwezibalo zakhona sekukhomba khona.
Izibalo zakamuva zabahaqwe yiCovid-19 kuleli, ezikhishwe wuMnyango wezeMpilo kuleli ngoMgqibelo, zikhomba ukuthi bangu-2750 abantu abahaqwe yileli gciwane emahoreni angu-24 okuholele ukuthi isibalo sabahaqwe yileli gciwane senyukele ku-1 611 143. Ababulelwe yizifo ezisondelele nalesi sifo ngesikhathi esifanayo bangu-59 okuholele ekutheni isibalo sabahaqwe yileli gciwane senyukele ku-55 183, kubo abangu-20 bashone eGauteng, abangu-18 abaseNorthern Cape , abayisishiyagalombili abaKwaZulu-Natal, abayisithupha abaseWestern Cape, abahlanu abaseFree State, eMpumalanga kushone ababili.