YIZE umgomo weCoronavirus usufikile kuleli, ezinye izikole ezizimele sezivuliwe kanti ezikahulumeni zizovulwa maduzane, abanye abazali basazoba netwetwe njengoba izingane zabo zibuyela ezikoleni ngoba besaba ukuthi zingase zithelelane ngaleli gciwane.
Uvalo lwabazali abanezingane ezifunda amabanga aphansi ludalwa wukuthi zikhonze ukudlala ndawonye uma kuyikhefu noma uma sekuphume isikole.
UDkt Bongani Nxumalo, uthe kumele abazali bakhumbule ukuthi isivunguvungu seCovid-19 sibhubhisa wonke umuntu ongazinakekeli nongayihloniphi imigomo ebekiwe.
Uthe ukuqikelela kwabazali ngaso sonke isikhathi kuzosiza kakhulu ekutheni bagweme ukuthi izingane zabo zizithole sezithelelana ngegciwane.
“Isivunguvungu sesibili asibhubhisi abadala kuphela kodwa nabancane siyabahlasela. Lo mkhuhlane awufani neminye. Izimpawu zeCovid-19 sesike sazibona ebantwaneni abaneminyaka emibili kanjalo nabaneminyaka engaphezulu. Leli gciwane linamathela emlonyeni, emakhaleni, emankankeni, emaphashini nakwezinye izitho zomzimba bese liyagadla kumuntu osuke ezwa izinhlungu kula malungu omzimba. Ingane ibanjwa yisisu esibuhlungu noma izwele ukushisa ngendlela exakile noma iphelelwe ngamandla.”
Uthe kubalulekile ukuthi abazali baqhubeke nokufundisa izingane zabo ngokubaluleka kokuthi zisebenzise izifonyo nokokuhlanza i zandla ngaso sonke isikhathi.
Uthe ukufundisa izingane ngobumqoka bokuzinakekela kuzolekelela kakhulu ekutheni zihlezi ziqwashile futhi zifundisekile ngobungozi begciwane.
Ephetha uthe kumele abazali baqinisekise ngaso sonke isikhathi ukuthi izingane ziyayilandela imigomo ebekiwe ukuze ibonakale imiphumela yokulwa nalolu bhubhane.