PHILI MJOLI
INHLANGANO yodokotela iSouth African Medical Association (SAMA), inxusa uhulumeni ukuthi aqinise imithetho yokuhamba kwabantu ukuze kunqandwe ukusabala kweCovid-19, ukuze isigaba sesithathu singeke sisheshe sihlasele.
UDkt Mvuyisi Mzukwa, oyiphini likasihlalo wenhlangano, uthi kumanje kunegciwane lakuleli eselizishintshile, nelitholakale e-India nelinye elitholakale e-United States (US).
Uthi bafisa ukuthi uhulumeni avale ukuhamba kwabantu phakathi kuka-10 ebusuku kuya-5 ekuseni, kuvalwe nemingcele yakuleli kuphinde kuqinisekiswe ukuthi ababaningi abantu abaya ezikhungweni zokugomela iCovid-19.
"Njengamanje uhlelo lokugomela iCovid-19 seluqalile kodwa ukulawulwa kokuhamba kwabantu kusadingeka ngoba umjovo okugonywa ngawo uthatha isikhathi ngaphambi kokuthi wakhe amasosha omzimba azobhekane negciwane uma kwenzeka lingena umuntu,“ kusho uDkt Mzukwa.
Uthe kuthatha amasonto amathathu kuya kwamane ukuthi umzimba wakhe amasosha azobhekana negciwane.
“ Kusazothatha isikhathi ukuthi sibone umehluko wokuthi abantu sebegomile. Okunye okumele umphakathi ukwazi ukuthi umgomo awuvikeli ukuthi igciwane lingene kodwa uvikela ukuthi umuntu agule kakhulu aze adinge ukuya esibhedlela," kuchaza udokotela.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuleli uDkt Zweli Mkhize, phambilini ephawula ngalokhu wathi ukuqiniswa kwemithetho ukuze kunqandwe ukusabalala kweCovid-19, ngeke kugwemeke.
Phakathi kwemithetho engase iqiniswe, ukulawulwa kokudayiswa kotshwala, ukwehliswa kwesibalo sabantu abavumelekile ukuthi bahlangane, kulawulwe isikhathi sokuhamba kwabantu ebusuku.
Imibiko yabezindaba iveze ukuthi umkhandlu wongqongqoshe ababhekele iCorona kuleli, iNational Coronavirus Command Council (NCCC) ube nomhlangano ngoLwesibili, lapho ubudingida ngezindlela ezingalandelwa njengoba kubonakala zikhula izibalo zabahaqwa yiCovid-19. Lokhu kusho ukuthi isivunguvungu sesithathu sokuhlasela kwegciwane sesifikile.